Isiqondiso sika Etani umEzahi.
1JEHOVA, ngo hlabelela umusa wako ku ze ku be pakade, ngi kwazisa iqiniso lako ngomlomo wami ezizukulwaneni na ngezizukulwane.
2Ngokuba nga ti, Umusa u ya kwakiwa ku ze ku be pakade; wo qinisa ukukoleka kwako ezulwini kubona.
3Ngenzile uvumelwano lwami nabaketiweyo, ngi fungile kuye uDavida inceku yami.
4Ngo qinisa inzalo yako, ngi sake isihlalo sako sobukosi ezizukulwaneni na ngezizukulwane, Sela.
5Ko ti izulu li babaze imimangaliso yako, Jehova; nako ukukoleka kwako ebandhleni labayingcwele.
6Ngokuba i mu pi emafwini o nga miswa noJehova? i mupi o nga faniswa noJehova pakati kwamadodana ka Tixo na?
7uTixo u yesabeka kakulu ekuhlanganeni kwabayingcwele; yena u ya hlonitywa ibo bonke aba m haqayo.
8Jehova Tixo wamabandhla, ubani o njengawe Jehova o namandhla? no fana nokukoleka kwako oku ku haqileyo na?
9Wena u ya busa ukukukumala kolwandhle; ekuhlokomeni kwamadhlambi alo u ya wa tulisa.
10Wena u fohlozile uRahabi njengohlatyiweyo; u hlakazile izita zako ngengalo yako e namandhla.
11Izulu li nge lako, nomhlaba u ngo wako; izwe nokugcwala kwalo, u li sekele wena.
12Wena u dalile inyakato neningizimu; iTabori neHermoni li ya kumemeza ngokwetaba ngegama lako.
13Ingalo yako i nobuqawe; isandhla sako si namandhla, isandhla sako sokunene si pakamile.
14Ukulunga nokwahlula ku isisekelo sesihlalo sako sobukosi; umusa neqiniso ko hamba pambi kobuso bako.
15Ba ya busiswa abantu a ba kwaziyo ukuhuba kwenjabulo; Jehova, ba ya kuhamba ekukanyeni kobuso bako.
16Ba ya kwetaba egameni lako ngezinsuku zonke; ba pakanyiswe ekulungeni kwako.
17Ngokuba wena u ngukukazimula kwamandhla abo; ko ti emuseni wako upondo lwetu lo pakama.
18Ngokuba isihlangu setu si kuJehova; neNkosi yetu i kuye Oyingcwele ka Israeli.
19Lapo wa kuluma esibonakalisweni kuye okolwayo wako, wa ti; se ngi bekile ukusiza pezu kweqawe; ngi pakamisile oketiweyo kubantu.
20Ngi fumanile uDavida inceku yami; ngi m gcobile ngamafuta ami a ingcwele.
21Uyena isandhla sami e si ya kuma si qinile kuye; impela ingalo yami i ya kumqinisa.
22Isita a si yi kumbasela; nendodana yobubi a i yi kumhlupa.
23Ngi ya kutyaya abahlupi bake ebusweni bake; ngi tyaye abazondi bake.
24Kanti ukukoleka kwami nomusa wami wo ba naye; futi upondo lwake lo pakama egameni lami.
25Ngi ya kubeka isandhla sake elwandhle; nesokunene sake emifuleni.
26Yena wo kalela kimi, e ti, U ngubaba wena, uTixo wami, idwala lokusindiswa kwami.
27Futi ngi ya kumenza izibulo lami elipakamileyo kuwo amakosi omhlaba.
28Umusa wami ngo wu gcinela yena ku ze ku be pakade; novumelwano lwami lo qiniswa kuye.
29Ngo misa inzalo yake ku be njalo, nesihlalo sake sobukosi njengezinsuku zezulu.
30Uma abantwana, bake be shiya umteto wami; be nga hambi ezahlulelweni zami!
31Uma bapula iziyalezelo zami, be nga gcini izimemezelo zami!
32Lapo ngo buyisela izipambeko zabo pezu kwabo ngentonga, nokonakalisa kwabo ngemivimbo.
33Noko a ngi yi kuputisa umusa wami kuye; a ngi yi kukohlisa ekukoliseni kwami.
34A ngi yi kwapula uvumelwano lwami, ngi pambukise loku okupumileyo ezindebeni zami.
35Kanye nga funga ngobungcwele bami, ukuba a ngi yi kuqamba manga kuDavida.
36Inzalo yake yo ba kona pakade; nesihlalo sake sobukosi njengelanga pambi kwami.
37So miswa njengenyanga, nofakazi okolisileyo emafwini. Sela.
38Kanti wena u lahlile, u delele; wa tukutela ngoxotyiweyo wako.
39U nengiwe uvumelwano lwenceku yako; u ncolisile umqele wake u wu ponsele emhlabatini.
40U citile zonke izindonga zake; u bekile ekucitakaleni izinqaba zake.
41Bonke aba dhlulayo endhleleni ba m panga; u ihlazo kubo abakelene naye.
42U si pakamisile isandhla sokunene sabahlupi bake; u jabulisile zonke izita zake.
43Futi u buyisile usiko lwenkemba yake; u nga m misi ekulweni.
44U qedile ukukazimula kwake, u citile isihlalo sake sobukosi emhlabatini.
45U finyezile izinsuku zobutya bake, u m sibekele ngamahloni. Sela.
46Ko za ku be nini, Jehova; wo zisita ku ze ku be pakade na? ukuvuta kolaka lwako ko tya njengomlilo na?
47Kumbula mina e ngi nokupila okufupi kangaka; ku ngani ukuba wenza bonke abantwana babantu ngeze na?
48I mupi umuntu ohleziyo e nga yi ku bona ukufa na? a nga kulula umpefumlo wake esandhleni sesheoli na? Sela.
49Nkosi u pi umusa wako wokuqala? wa funga kuDavida ngokuqiniseka kwako.
50Kumbula, Nkosi, ukujeziswa kwezinceku zako; ngi twalile esifubeni sami ihlazo labo bonke abantu abaningi.
51E zi ku jezise ngalo izita zako, Jehova; e zi jezise ngako ukuhamba kogcotyiweyo wako.
52U ya busiswa uJehova ku ze ku be pakade, Ameni, ehe, Ameni.