Isizwana SakwaLevi Nemizi Yaso
1Amadodana kaLevi: uGereshoni, uKohathi, noMerari. 2Amadodana kaKohathi: u-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli. 3Amadodana ka-Amramu: u-Aroni, uMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari. 4U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abhishuwa; 5u-Abhishuwa wazala uBhuki; uBhuki wazala u-Uzi; 6u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayothi; 7uMerayothi wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi; 8u-Ahithubi wazala uZadoki; uZadoki wazala u-Ahimahazi; 9u-Ahimahazi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani; 10uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumphristi endlini eyakhiwa nguSolomoni eJerusalema. 11U-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi. 12U-Ahithubi wazala uZadoki; uZadoki wazala uShalumi; 13uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya; 14u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehozadaki, 15kodwa uJehozadaki wahamba ngesikhathi uSimakade ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukhadinezari.
16Amadodana kaLevi: kwakunguGereshomu, uKhohathi noMerari. 17Nanka amagama amadodana kaGereshomu: nguLibhini noShimeyi. 18Amadodana kaKhohathi: ngu-Amramu, uJizihari, uHebhroni no-Uziyeli. 19Amadodana kaMerari: nguMaheli noMushi. Nansi imindeni yabaLevi ngokokhokho babo: 20kwaGereshomu: kwakunguLibhini, uJahathi, uZima, 21uJowa, u-Ido, uZera noJewatherayi. 22Amadodana kaKhohathi: kwakungu-Aminadaba, uKhora, u-Asiri, 23u-Elikhana, u-Ebhiyasafa, u-Asiri, 24uThathi, u-Uriyeli, u-Uziya, uShawule.
25Amadodana ka-Elikhana: kwakungu-Amasayi no-Ahimothi, 26u-Elikhana, uZofayi, uNahathi, 27u-Eliyabe, uJerohamu no-Elikhana. 28Amadodana kaSamuweli: izibulo kwakunguJoweli, eyesibili kungu-Abhiya. 29Amadodana kaMerari: kwakunguMaheli, uLibhini, uShimeyi, u-Uza, 30uShimeya, uHagiya no-Asaya.
Abahlabeleli Basendlini KaSimakade
31Nampa abantu uDavide ababeka ukuba bahole ukuhlabelela endlini kaSimakade, ngesikhathi umphongolo usubekwe khona. 32Babekhonza ngokuhlabelela phambi kwethabanakeli lethende lokuhlangana, waze uSolomoni wakha indlu kaSimakade eJerusalema. Babambelela njengokwenqubo yomsebenzi wabo.
33Yilaba ababema namadodana abo: kumadodana amaKhohathi: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli, kaSamuweli, 34ka-Elikhana, kaJerohamu, ka-Eliyeli, kaThowa, 35kaZufi, ka-Elikhana, kaMahathi, ka-Amasayi, 36ka-Elikhana, kaJoweli, ka-Azariya, kaZefaniya, 37kaThathi, ka-Asiri, ka-Ebhiyasafa, kaKhora, 38kaJizihari, kaKhohathi, kaLevi, ka-Israyeli. 39Umfowabo u-Asafa wayemi ngakwesokunene sakhe; u-Asafa, kaBherekhiya, kaShimeya, 40kaMikhayeli, kaBhahaseya, kaNalikhiya, 41ka-Ethini, kaZera, ka-Adaya, 42ka-Ethani, kaZima, kaShimeyi, 43kaJahathi, kaGereshomu, kaLevi. 44Amadodana kaMerari, abafowabo ababema ngakwesokunene: kungu-Ethani, kaKhishi, ka-Abhidi, kaMalukhi, 45kaHashabhiya, ka-Amaziya, kaHilikhiya, 46ka-Amizi, kaBhani, kaShemeri, 47kaMaheli, kaMushi, kaMerari, kaLevi.
48Abafowabo abaLevi banikwa inkonzo yonke yethabanakeli lendlu kaNkulunkulu. 49U-Aroni namadodana akhe babeshiya iminikelo e-althare leminikelo yokushiswa nase-althare lempepho, benza wonke umsebenzi endaweni engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose, inceku kaNkulunkulu.
50Nanka amadodana ka-Aroni: ngu-Eleyazare, uFinehasi, u-Abhishuwa, 51uBhuki, u-Uzi, uZeraya, 52uMerayothi, u-Amariya, u-Ahithubi, 53uZadoki no-Ahimahazi.
Izindawo Zokuhlala AbaLevi
54Nazi izindawo zawo zokuhlala, izinkambu zawo emingceleni yawo: amadodana ka-Aroni awomndeni kaKhohathi, ngokuba yiwo adliwa wunkatho kuqala. 55Wona anikwa iHebhroni, kwaJuda namadlelo alizungezileyo. 56Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKhalebhu, indodana kaJefune. 57Abozalo luka-Aroni balunika imizi yokuphephela: iHebhroni, neLibhina namadlelo ayo, iJathiri, ne-Eshithemowa namadlelo ayo, 58iHileni namadlelo alo, iDebhiri namadlelo alo, 59i-Ashani namadlelo alo, iBhethi Shemeshi namadlelo alo. 60Esizwaneni sakwaBhenjamini bawanika iGebha namadlelo alo, i-Alemethi namadlelo alo, ne-Anathothi namadlelo alo. Isiyonke imizi yawo ngokwemindeni yawo yayiyimizi eli-13.
61Abozalo lukaKhohathi ababesele banikwa ngonkatho imizi elishumi emndenini, engxenyeni yesizwana sakwaManase, emindenini yakhona ngokwemindeni yawo. 62Abozalo lukaGereshomu, ngemindeni yabo, anikwa esizwaneni sakwa-Isakhare, nesakwa-Asheri, nesakwaNafethali, nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, eBhashani, kwaba yimizi eli-13. 63Abozalo lukaMerari banikwa ngonkatho ngokwemindeni yabo esizwaneni sakwaRubeni, nakwesakwaGadi, nakwesakwaZebuloni, kwaba yimizi eli-12.
64Abakwa-Israyeli banika abaLevi leyo mizi namadlelo ayo. 65Leyo mizi ebizwe ngamagama banikwa yona ngonkatho esizwaneni sakwaJuda, nakwesakwaSimeyoni, nakwesakwaBhenjamini.
66Eminye imindeni yabozalo lukaKhohathi yayinemizi emingceleni yesizwana sakwa-Efrayimi. 67Bayinika imizi yokuphephela: iShekhemi, ezintabeni kwa-Efrayimi, namadlelo alo, iGezeri namadlelo alo, 68iJokhimeyamu namadlelo alo, iBhethi Horoni namadlelo alo, 69i-Ajaloni namadlelo alo, iGathi Rimoni namadlelo alo, 70nasengxenyeni yesizwana sakwaManase, i-Anere namadlelo alo, neBhileyamu namadlelo alo, kwaba ngokomndeni owawusele wozalo lukaKhohathi.
71Abozalo lukaGereshomu banikwa emndenini wengxenye yesizwana sakwaManase iGolanu, iBhashani namadlelo alo, i-Ashitharothi namadlelo alo; 72nasesizwaneni sakwa-Isakhare, iKedeshi namadlelo alo, iDabherathi namadlelo alo, 73iRamothi namadlelo alo, i-Anemi namadlelo alo; 74nasesizwaneni sakwa-Asheri: iMashali namadlelo alo, i-Abhidoni namadlelo alo, 75iHukhokhi namadlelo alo, iRehobe namadlelo alo; 76nasesizwaneni sakwaNafethali, iKedeshi, eGalile, namadlelo alo, iHamoni namadlelo alo, iKiriyathayimi namadlelo alo.
77Kwathi abozalo lukaMerari abebesele banikwa esizwaneni sakwaZebuloni: iRimono namadlelo alo, iGabhori namadlelo alo, 78phesheya kweJordani ngaseJeriko, empumalanga neJordani, esizwaneni sakwaRubeni, banikwa iBhezeri, ehlane, namadlelo alo, iJahaza namadlelo alo, 79iKedemothi namadlelo alo, neMefahathi namadlelo alo; 80nasesizwaneni sakwaGadi, banikwa iRamothi, kwaGileyadi, namadlelo alo, iMahanayimi namadlelo alo, 81iHeshibhoni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.