Ukungeniswa Komphongolo KaNkulunkulu Ethendeni Nokunikela
1Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. Base benikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu. 2Eseqedile uDavide ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade. 3Wabela bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, yilowo nalowo isinkwa, isigaxa sengqansundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe.
4Wamisa phambi komphongolo kaSimakade abanye babaLevi ukuba bakhonze, benze isikhumbuzo, babonge futhi bamdumise uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli. 5U-Asafa nguye owayengamele nesigaba sakhe sesibili, uZakhariya, uJeyiyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, uMathithiya, u-Eliyabe, uBhenaya, u-Obhede Edomi noJeyiyeli, bephethe izingubhu namahabhu, u-Asafa ephethe amasimbali, ewashaya. 6UBhenaya noJahaziyeli, abaphristi, bephethe amacilongo, bema njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
Ihubo LikaDavide
7Ngalolo lusuku uDavide waqala ukuhlela ukuba uSimakade abongwe, kuhola u-Asafa nabafowabo.
8Bongani uSimakade,
nibize igama lakhe,
nizazise kubantu izenzo zakhe.
9Mhlabeleleni, nimhubele,
nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.
10Gabani ngegama lakhe elingcwele;
mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade.
11Mfuneni uSimakade namandla akhe,
nibufunisise njalo ubuso bakhe.
12Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,
izibonakaliso zakhe,
nezehlulelo zomlomo wakhe,
13nina nzalo ka-Israyeli, inceku yakhe,
nina bantwana bakaJakobe,
abakhethiweyo bakhe.
14Yena unguSimakade uNkulunkulu wethu;
izehlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
15Khumbulani isivumelwano sakhe
kuze kube phakade,
izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
16isivumelwano asenza no-Abhrahama,
nesifungo sakhe ku-Isaka;
17wasiqinisa kuJakobe,
saba ngumthetho, naku-Israyeli,
saba yisivumelwano esiphakade,
18ethi: “Ngizakukunika iKhanani
libe yisabelo sefa lenu,
19lapho naniseyingcosana ngesibalo,
yebo, naniseyingcosana,
futhi niyizihambi kulo.”
20Bazulazula ezizweni ngezizwe,
besuka kulo mbuso,
beya kwabanye abantu.
21Akavumelanga muntu ukubacindezela,
wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
22ethi: “Ningabathinti abagcotshiweyo bami,
ningabalimazi abaphrofethi bami.”
23Hlabelela kuSimakade mhlaba wonke,
memezela izimangaliso zakhe usuku nosuku.
24Landani ngenkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,
izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25Ngokuba mkhulu uSimakade,
ufanele ukudunyiswa kakhulu;
uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.
26Bonke onkulunkulu babezizwe
bayizithombe ezingenamsebenzi,
kepha uSimakade walenza izulu.
27Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;
amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28Mnikeni uSimakade nina mindeni yabantu,
mnikeni uSimakade udumo namandla.
29Mnikeni uSimakade
udumo lwegama lakhe,
nilethe umnikelo,
nize phambi kwakhe,
nikhuleke kuSimakade nihlobe ngobungcwele.
30Thuthumela phambi kwakhe,
mhlaba wonke;
izwe limisiwe,
alinakunyakaziswa.
31Malijabule izulu,
uthokoze umhlaba;
makuthiwe ezizweni:
“USimakade uyinkosi.”
32Maluhlokome ulwandle nokugcwala kwalo,
kwename amasimu nakho konke okukuwo.
33Khona imithi yehlathi iyakukhamuluka ngokujabula
phambi kukaSimakade,
ngokuba uyeza uzokwehlulela umhlaba.
34Bongani uSimakade, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade.
35Yishoni nithi:
“Sisindise Nkulunkulu wensindiso yethu,
usiqoqe, usihlenge kwabezizwe,
ukuze sidumise igama lakho elingcwele,
sithokoze ekukudumiseni.”
36Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli,
kusukela phakade kuze kube phakade.
Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uSimakade.
Ukukhonza Phambi Komphongolo
37UDavide wayeseshiya u-Asafa nabafowabo phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade ukuba bakhonze njalo phambi komphongolo, ngokwenza imisebenzi yemihla ngemihla. 38Washiya u-Obhede Edomi, indodana kaJeduthuni, nabafowabo abangama-68 noHosa ukuba babe ngabalindisango. 39Washiya uZadoki, umphristi, nabafowabo, abaphristi, phambi kwethabanakeli likaSimakade, endaweni ephakemeyo eyayiseGibheyoni, 40ukuba banikele njalo kuSimakade ngeminikelo yokushiswa, phezu kwe-althare lomnikelo wokushiswa, ekuseni nakusihlwa njengalokhu konke kulotshwe emthethweni kaSimakade ayala ngawo u-Israyeli. 41UHemani noJeduthumi nabo bonke abaseleyo ababekhethiwe babizwa ngamagama ukuba bambonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade. 42UHemani noJeduthumi babephethe amacilongo namasimbali okushaywa, nezinye izinsimbi zokubethwa kudunyiswa uNkulunkulu. Amadodana kaJeduthumi aqokwa amiswa ngasesangweni.
43Bonke abantu bahamba, yilowo nalowo waya endlini yakhe. UDavide wabuya wazobusisa abendlu yakhe.