Isithembiso SikaSimakade KuDavide
1Kwathi lapho uDavide esehleli esigodlweni sakhe, wathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni semisedari, kodwa umphongolo wesivumelwano sikaSimakade uphansi kwamakhethini.”
2UNathani wathi kuDavide: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”
3Kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi: 4“Hamba uyotshela uDavide, inceku yami, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Wena awuyukungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo, 5ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kodwa bengisemathendeni ngamathende, nasemathabanakelini. 6Ezindaweni zonke engihambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngalikhipha yini izwi nakoyedwa wabehluleli bakwa-Israyeli engangibayale ukuba beluse abantu bami, ngathi: Aningakhele ngani indlu yemisedari na?” ’ ”
7“Ngakho-ke uyakusho kanje kuDavide inceku yami, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli. 8Nganginawe noma kuphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho. Ngiyakwenza igama lakho libe njengamagama abakhulu abasemhlabeni. 9Ngiyakubamisela indawo abantu bami, u-Israyeli, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangaphinde bakhathazwe nakukhathazwa ngababi bababhubhise njengakuqala, 10kusukela emihleni engamisa ngayo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyakuzinqoba zonke izitha zakho. Ngiyakutshela futhi ukuthi uSimakade uyakukwakhela indlu yakho. 11Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelele ukuba uye koyihlomkhulu, ngimise abozalo lwakho omunye zalweni lwakho, ngiwuqinise umbuso wakhe. 12Nguye oyakungakhela indlu, ngiyakusiqinisa isihlalo sakhe sobukhosi, kuze kube phakade. 13Mina ngiyakuba nguyise kuye, yena abe yindodana kimi; angiyukuwususa umusa wami kuye, njengalokho ngawususa kulowo owayengaphambi kwakho. 14Ngiyakumbeka endlini yami nasembusweni wami, kuze kube phakade; isihlalo sakhe sobukhosi siqiniswe, kuze kube phakade.” ’ ”
15UNathani wakhuluma kuDavide njengawo wonke lawa mazwi nanjengawo wonke lo mbono.
Umkhuleko KaDavide
16Inkosi uDavide yahamba yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani Simakade Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungithwale kuze kube lapha na? 17Nalokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Simakade Nkulunkulu.
18“UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho. 19Simakade, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho, wenzile konke lokhu okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.
20“Simakade, akekho onjengawe, akekho uNkulunkulu ngaphandle kwakho, kukho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu. 21Ngubani onjengabantu bakho, u-Israyeli, isizwe esisodwa emhlabeni, uNkulunkulu azihlengela sona ukuba sibe ngabantu bakhe, wazenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe phambi kwabantu bakho owabahlenga eGibhithe na? 22Wabenza abantu bakho, u-Israyeli, baba ngabantu bakho kuze kube phakade, Wena Simakade waba nguNkulunkulu wabo.
23“Manje Simakade, izwi olikhulume ngenceku yakho nangendlu yayo, maliqiniswe kuze kube phakade, futhi yenza njengalokhu ushilo. 24Maliqiniswe libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘USimakade Wamabandla unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide, inceku yakho, iqinisiwe phambi kwakho.
25“Wena Nkulunkulu wami ukwambulile endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu, ngakho-ke inceku yakho ize ukuba izokhuleka phambi kwakho. 26Manje Simakade, unguNkulunkulu, ukhulume okuhle encekwini yakho, 27ake uvume ukubusisa indlu yenceku yakho, ukuba ibe phambi kwakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile Wena Simakade, kubusisekile kuze kube phakade.”