UJobe Uphendula Inkulumo Yokuqala Ka-Elifazi
Ukwesinda Kwenhlupheko KaJobe; Ubulukhuni Babangani Bakhe
1UJobe waphendula wathi:
2“Sengathi usizi lwami
nenhlekelele engehlele
kungalinganiswa nokulinganiswa,
nokubhujiswa kwami
kubekwe esilinganisweni kanyekanye.
3Ngokuba manje kuyasinda
kwedlula isihlabathi solwandle,
ngakho amazwi ami abengumbhedo nje.
4Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi,
ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami,
ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
5Imbongolo yasendle
iyakhala yini inotshani na?
Inkabi iyakhala yini inotshani na?
6Okuduma kungadliwa yini
ngaphandle kukasawoti na?
Kuyahlwabusa yini okumhlophe kweqanda na?
7Umphefumulo wami uyenqaba ukukuthinta,
kungukudla okunengekayo kimi.
8“Sengathi isicelo sami singezwakala,
uNkulunkulu angiphe engikufisayo.
9Sengathi uNkulunkulu angangiphihliza,
avule isandla sakhe, angibhubhise.
10Lokho bekuyoba yinduduzo kimi,
bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo,
ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.
11Ayini amandla ami
ukuba ngingawethemba na?
Siyini isiphetho sami
ukuba ngingasibekezelela na?
12Ngabe amandla ami
angamandla amatshe na?
Inyama yami iyithusi na?
13Angikwazi ukuzisiza,
usizo lwami lususiwe kimi.
14“Ogodlela umngani wakhe odangele umusa,
ulahla ukwesaba uSomandla.
15Abafowethu bambuluzile njengomfudlana,
nanjengemithonjana eshayo,
16emnyama ngenxa yeqhwa,
lapho ungqoqwane uzinqwabela kuyo.
17Ngesikhathi sokufudumala, iyanyamalala,
uma sekushisa iyasha,
iphele endaweni yayo.
18Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka,
benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19Izindwendwe zabahwebi bakwaThema zabafuna,
nemiqobo yezihambi zakwaShebha zibheke ngethemba.
20Zadumala, ngoba zazinokuzethemba,
lapho sezifike khona zadangala,
21nani seninjalo-ke kimi;
nibone okwethusayo, nesaba.
22Ngasho yini kini, ngathi:
‘Ngipheni isipho empahleni yenu’ na?
23noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha,
ningihlenge esandleni sezidlova’ na?
24“Ngifundiseni, mina ngizothula du,
ningichazele ukuthi ngone ngani.
25Ukukhuluma okuqotho kunamandla kangakanani na?
Kepha ukusolwa yinina kusiza ngani na?
26Nicabanga ukuthi ningawasola amazwi,
ngokungathi ukukhuluma kophelelwe yithemba,
kungumoya nje na?
27Nenza unkatho ngentandane,
nithengisa ngomngani wenu.
28Manje-ke, phendukani, ningibheke,
ngokuba angisoze ngawaqamba amanga kini.
29Ake niphenduke,
kungabi bikho owenza ukungalungi.
Phendukani, indaba yami ilungile.
30Kukhona yini ukungalungi
engikusho ngolimi lwami na?
Ulwanga lwami alunakukwehlukanisa yini okubi na?”