Amadoda ayisikhombisa akhethwa ukuba aphathe abampofu
1Kwathi ngaleyomihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.
2Abayishumi nambili base bebiza ibandla labafundi, bathi: Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni.
3Funani-ke phakathi kwenu-bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowomsebenzi.
4Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.
5Lelizwi laba-lihle kulo lonke ibandla; base bekhetha uStefanu, umuntu owayegcwele ukukholwa noMoya oNgcwele, noFiliphu, noProkhoro, noNikanori, noThimoni, noPharmena, noNikolawu, iproselite* laseAntiyokiya,
6babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.
7Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.
UStefanu umangalelwa emphakathini
8Kepha uStefanu egcwele umusa namandla wenza izimangaliso nezibonakaliso ezinkulu phakathi kwabantu.
9Kwase kusuka abanye besinagoge* elithiwa elabaLibertino, nabaseKhurene, nabaseAleksandriya, nabavela eKhilikhiya naseAsiya, baphikisana noStefanu;
10kepha babengenamandla okumelana nokuhlakanipha noMoya ayekhuluma ngakho.
11Khona bathenga amadoda athi: Simzwile ekhuluma amazwi enhlamba ngoMose nangoNkulunkulu;
12bavusa abantu namalunga nababhali, bamvukela, bambamba, bamyisa emphakathini;
13bamisa ofakazi bamanga abathi: Lomuntu akayeki ukukhuluma amazwi ngalendawo engcwele nangomthetho;
14ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha lendawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.
15Kwathi bemgqolozela bonke ababehlezi emphakathini, babona ubuso bakhe kungathi ubuso bengelosi.