UElihu uyaqhamuka
1Lawomadoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.
2Lwase luvutha ulaka lukaElihu indodana kaBarakeli umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.
3Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe.
4UElihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye.
5Lapho uElihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawomadoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.
6UElihu indodana kaBarakeli umBuzi wayesethatha-ke, wathi:
Mina ngisemusha ngeminyaka, nina nibadala;
ngalokho nganginamahloni, ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7Ngathi: Makukhulume izinsuku,
ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.
8Nokho kukhona umoya kumuntu;
ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9Abakhulu abahlakaniphile,
nabadala abaqondi ukwahlulela.
10Ngalokho ngithi: Ngizweni;
nami ngiyakusho umqondo wami.
11Bhekani, ngilindele amazwi enu,
ngabeka indlebe emiqondweni yenu,
nisaphenya eniyakukusho.
12Nga nilalela nina;
bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe
nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.
13Maningasho ukuthi: Sifumene ukuhlakanipha;
uNkulunkulu angamphengulula, hayi umuntu.
14Akahlelelanga mina amazwi akhe;
angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.
15Bayakhungatheka, abasaphenduli;
baphelelwa ngamazwi.
16Ngibalindele yini, uma bengakhulumi, na?
Ngokuba bemi bengasaphenduli.
17Nami ngiyakuphendula okwami,
ngitshengise nami umqondo wami.
18Ngokuba ngigcwele amazwi;
umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.
19Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;
kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.
20Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;
ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.
21Mangingakhethi ubuso bamuntu,
ngingathophi nobani.
22Ngokuba angikwazi ukuthopha;
uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.