Amacilongo esiliva
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu*.
3Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana.
4Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwaIsrayeli, ziyakubuthana kuwe.
5Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka.
6Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.
7Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.
8Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba-kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
9Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.
10Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe-yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
AbakwaIsrayeli basuka eSinayi
11Kwathi ngomnyaka wesibili ngenyanga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele* lobufakazi.
12Abantwana bakwaIsrayeli basuka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.
13Ngokokuqala basuka ngokwesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
14Kuqala lasuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaJuda ngamabandla abo; uNaheshoni indodana ka-Aminadaba wayephezu kwalelobandla.
15Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaIsakare kwakunguNethaneli indodana kaSuwari.
16Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaZebuloni kwakunguEliyabe indodana kaHeloni.
17Itabernakele* lasuswa; amadodana kaGereshoni namadodana kaMerari asuka elithwala itabernakele.
18Lase lisuka ibhanela* lekamu* likaRubeni ngamabandla abo; phezu kwalelobandla kwakunguElisuri indodana kaShedewuri.
19Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni kwakunguShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
20Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaGadi kwakunguEliyasafa indodana kaDehuweli.
21Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele* lamiswa, wona engakafiki.
22Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaEfrayimi ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakunguElishama indodana ka-Amihudi.
23Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaManase kwakunguGamaliyeli indodana kaPedasuri.
24Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaBenjamini kwakunguAbidani indodana kaGideyoni.
25Lase lisuka ibhanela* lekamu* labantwana bakwaDani elalisemva kwawo onke amakamu ngamabandla abo; phezu kwebandla lakhe kwakunguAhiyezeri indodana ka-Amishadayi.
26Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwa-Asheri kwakunguPagiyeli indodana kaOkirani.
27Phezu kwebandla lesizwe sabantwana bakwaNafetali kwakunguAhira indodana kaEnani.
28Abantwana bakwaIsrayeli bahamba ngokulandelana kanjalo ngamabandla abo; base besuka-ke.
Ukululekana noHobabi
29UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: Ngiyakuninika yona. Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngoIsrayeli.
30Wathi kuye: Angiyikuhamba; kepha ngiyakusuka, ngiye ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.
31Kepha wathi: Ake ungasishiyi; njengokuba uyazi ukuthi siyakumisa kanjani ehlane, uyakuba-ngamehlo ethu.
32Kuyakuthi uma uhamba nathi, yebo, kwenzeke ukuthi, noma yikuphi okuhle uJehova asenzela khona, khona lokho uyakukwenzela nawe.
33Basuka entabeni kaJehova, bahamba ibanga lezinsuku ezintathu; umphongolo wesivumelwano sikaJehova wahamba phambi kwabo ibanga lezinsuku ezintathu ukubafunela indawo yokuphumula.
34Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu*.
Umkhuleko kaMose
35Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi:
Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho;
abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.
36Ekumeni kwawo wathi:
Buyela, Jehova, emindenini eyizinkulungwane zakwaIsrayeli.