AbakwaIsrayeli bayakhonona eThabehera
1Kwathi abantu bakhonona, kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu*.
2Abantu base bekhala kuMose; uMose wakhuleka kuJehova, umlilo wabohla.
3Igama laleyondawo laqanjwa ngokuthi iThabehera, ngokuba umlilo kaJehova washa phakathi kwabo.
4Ingxubevange eyayiphakathi kwabo yaqala ukufisa nokufisa; nabantwana bakwaIsrayeli babuye bakhala, bathi: Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle na?
5Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle, namakukamba*, namakhabe, namaliki*, nohanyanisi*, nesweli;
6kepha manje umphefumulo wethu usuwomile; akukho-lutho impela; ngaphandle kwalelimana* akukho-lutho emehlweni ethu.
7Imana* lafana nembewu yekoriyanderi*, nokubonakala kwalo kwakunje-ngokubonakala kwenhlaka yebedola*.
8Abantwana baphuma ukuliqoqa, baligaya ematsheni, noma beligqula ezigqulweni, balipheka emakhanzini, benza ngalo amaqebelengwane; ukuzwakala kwalo kwakunjengokuzwakala kweqebelengwane lamafutha.
9Nxa amazolo elala phezu kwekamu* ebusuku, imana* lawela phezu kwawo.
10UMose wezwa abantu bekhala emindenini yabo, kwaba-yilowo nalowomuntu ngasemnyango wetende lakhe; intukuthelo kaJehova yavutha kakhulu; kwakukubi emehlweni kaMose.
11UMose wathi kuJehova: Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke lababantu phezu kwami na?
12Ngakhulelwa bonke lababantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise, na?
13Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke lababantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: Siphe inyama ukuba sidle.
14Anginakuthwala bonke lababantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda.
15Uma ungiphatha kanje, ake ungibulale nokungibulala, uma ngifumene umusa emehlweni akho; mangingaluboni usizi lwami.
Amalunga angamashumi ayisikhombisa
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwaIsrayeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.
17Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.
18Yisho kubantu ukuthi: Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe; ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.
19Aniyikuyidla usuku lube-lunye, noma izinsuku zibe-zimbili, noma izinsuku zibe-yisihlanu, noma izinsuku zibeyishumi, noma izinsuku zibe-ngamashumi amabili,
20kepha inyanga epheleleyo, ize iphume ngamakhala enu, inengeke kini, ngokuba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu, nakhala phambi kwakhe ngokuthi: Saphumelani eGibithe na?
21Wayesethi uMose: Abantu engiphakathi kwabo bayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha abayimigundatshani; wena-ke uthi: Ngiyakubanika inyama ukuba badle inyanga epheleleyo.
22Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?
23UJehova wathi kuMose: Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.
24UMose waphuma, wabatshela abantu amazwi kaJehova; wabutha amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga abantu, wawamisa ngasetendeni nxazonke.
25UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.
26Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu*, igama lenye lalinguElidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu.
27Kwagijima insizwa, yabika kuMose, yathi: OElidadi noMedadi bayaprofetha ekamu*.
28UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, owabakhethiweyo bakhe, waphendula wathi: Nkosi yami, Mose, benqabele.
29UMose wathi kubo: Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba-ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.
30UMose wangena ekamu*, yena namalunga akwaIsrayeli.
Izigwaca
31Kwavuka umoya ovela kuJehova, waletha izigwaca zivela ngaselwandle, waziwisa ngasekamu* kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke, nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.
32Abantu bavuka lonke lolosuku, nobusuku bonke, nalo lonke usuku olulandelayo, babutha izigwaca; owabutha okuncane wabutha amahomere* ayishumi; bazenekela ngasekamu* nxazonke.
33Inyama isekhona phakathi kwamazinyo abo, ingakahlafunwa, ulaka lukaJehova lwavuthela abantu, uJehova wabashaya abantu ngokufa okukhulu kakhulu.
34Igama laleyondawo laqanjwa ngokuthi iKibiroti-Hathawa*, ngokuba bembela abantu abafisayo.
35Abantu basuka eKibiroti-Hathawa, baya eHaseroti; bahlala eHaseroti.