Ukumethemba uJehova
Kumholi wokuhlabelela; ihubo likaDavide
1Ithemba lami ngilibeka kuwe-Jehova;
mawungangijabhisi naphakade;
ngikhulule ngokulunga kwakho.
2Beka kimi indlebe yakho,
ungophule masinyane,
ube-yidwala eliqinileyo kimi,
indlu yezinqaba yokungisindisa.
3Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami;
ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.
4Uyakungikhipha enetheni abangicuphé ngalo,
ngokuba wena uyinqaba yami.
5Ngibeka umoya wami esandleni sakho;
uyangihlenga, Jehova Nkulunkulu othembekayo.
6Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize,
kepha mina ngithemba uJehova.
7Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho,
ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami,
wazinaka izinsizi zomphefumulo wami;
8awunginikelanga esandleni sesitha,
wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.
9Yiba-nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngiyahlupheka;
iso lami liyafa usizi,
nomphefumulo wami nomzimba wami.
10Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini,
neminyaka yami ekububuleni;
amandla ami aphelile ngokona kwami,
namathambo ami ancunzekile.
11Ngenxa yezitha zami zonke sengabayisihlamba,
ikakhulu kubakhelwane bami ngabangobesabisayo abangane bami;
abangibona endleleni bayangibalekela.
12Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo;
nginjengesitsha esifileyo.
13Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi
ngokwesabisayo nxazonke;
besenza icebo ngami
bahlosa ukubulala umphefumulo wami.
14Kepha mina ngithemba wena-Jehova;
ngithi: UnguNkulunkulu wami.
15Izikhathi zami zisesandleni sakho;
ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.
16Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho.
17Jehova, mawungangijabhisi,
ngokuba ngiyakubiza;
mabajabhiswe ababi,
bathuliswe endaweni yabafileyo.
18Mazithuliswe izindebe zamanga
ezijivaza olungileyo
ngokuzidla nangokweyisa.
19Yeka ubukhulu bomusa wakho
obagodlele wona abakwesabayo,
owenzele bona ababalekela kuwe,
phambi kwabantwana babantu.
20Ubafihla ekusithekeni kobuso bakho
ngenxa yezigungu zabantu;
ubalondoloza edokodweni
ekuxabaneni kwezilimi.
21Makabongwe uJehova,
ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo
emzini oqinileyo.
22Mina-ke ngithé ovalweni lwami:
Ngixoshiwe emehlweni akho;
nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.
23Mthandeni uJehova nina nonke enimkhonzayo;
uJehova uyabalondoloza abakholekileyo,
amphindisele kakhulu ozidlayo.
24Qinani, inhliziyo yenu ibe-nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova.