Ukuvuma izono nokuthethelelwa kwazo
ElikaDavide; iMaskili*
1Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,
osono sakhe sisibekelwe.
2Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko,
kungekho-nkohliso emoyeni wakhe.
3Kwathi ngithule, amathambo ami aguga
ngokububula kwami usuku lonke.
4Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami,
uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*.
5Ngasivuma isono sami kuwe,
angisifihlanga isiphambeko sami;
ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova;
wena wathethelela icala lesono sami. Sela*.
6Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe
ngesikhathi sokukufumana;
impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.
7Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*.
8Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami.
9Ningabi-njengehashi nembongolo engenangqondo;
umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa,
uma ingasondeli kuwe.
10Omubi unezinhlupheko eziningi,
kepha othemba uJehova umusa uyakumphala.
11Jabulani kuJehova, nethabe nina-balungileyo,
nethabe nina nonke-baqotho ngenhliziyo.