1WA qala uAbija ukubusa pezu kweJuda ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili ka Jeroboamu.
2Wa busa iminyaka emitatu eJerusalema, Igama lika nina la li ngu Mikaia indodakazi ka Urieli wa seGibea. Kwa ba kona ukuxabana kuAbija noJeroboamu.
3uAbija wa i lungisela ukulwa impi yake yamaqawe, amadoda a ketiweyo a izinkulungwane ezi ngamakulu amane; noJeroboamu wa lungisa e yake ngamadoda aketiweyo a izinkulungwane ezi ngamakulu a isishiyagalombili, e ngamaqawe nempela.
4uAbija wema pezu kwentatyana iZemaraimi, e sentabeni Efraimi, wa ti, Yizwani mina, wena Jeroboamu nabaIsraeli bonke;
5Imbala ka nazi ukuba uJehova uTixo ka Israeli wa nika uDavida umbuso pezu kwabaIsraeli ku ze ku be pakade na? kuyena namadodana ake ngesivumelwano sika saoti na?
6Noko uJeroboamu indodana ka Nebati, inceku ka Solomona indodana ka Davida, i vukile, ya hlubuka inkosi yake.
7Ku butene kuyena amadoda a zidhlayo, abantwana baka Beliali, ba lungisela ukuhlasela uRehoboamu indodana ka Solomona, uRehoboamu e se mutya inhliziyo i tambile, e nge nakuzivikela.
8Na manje ni funa ukukipa umbuso ka Jehova esandhleni samadodana ka Davida; ni ba ningi kakulu nina, ku kona kanye nani amankonyana egolide, e nenzelwa wona uJeroboamu a be izitixo zenu.
9A ni ba kipanga abapristi baka Jehova, amadodana ka Aroni, namaLevi, na zenzela abapristi njengendhlela yezinye izizwe, ku ti lowo o fikayo ukukonza e pete inkatyana nezinqama ezi isikombisa, lowo mhlaumbe a nga ba umpristi kubo a ba nge izo izitixo.
10Kodwa uJehova u nguTixo wetu, a si m delanga; nabapristi aba kuluma kuJehova, ba ngamadodana ka Aroni, namaLevi a namatela kwe yabo imisebenzi;
11Ba tyisela uJehova kusasa na kusihlwa njalo imihlabelo nempepo emnandi; nesinkwa sesibonakaliso ba si lungisela pezu kwetebula elihle; noti lwekandelo legolide namalampe, ukukanyisa kusihlwa njalo; ngokuba si ya si lalela isiyalezo sika Jehova uTixo wetu; kodwa nina ni m delile.
12Futi, bheka, uTixo u kitina a be induna yetu, nabapristi bake be pete amatilongo uku ni vutelela. O bantwana baka Israeli, ni ngalwi noJehova uTixo wa oyihlo benu; ngokuba a ni i kwahlula.
13Kodwa uJeroboamu wa ba bacisa abanye ngasemva kwabo; bona be ngapambili kweJuda, nabacatyileyo be ngasemuva.
14Lapo uJuda e bheka ngasemuva, bheka, impi ya i ba haqile; ba kala kuJehova, nabapristi ba beta amatilongo.
15Ba memezake aba kwa Juda; lapo be memezayo, kwa ti, uTixo wa m tyaya uJeroboamu nabaIsraeli bonke ngapambi kuka Abija noJuda.
16AbakwaIsraeli ba li balekela iJuda; noTixo wa ba nikela ezandhleni zabo.
17uAbija nabantu bake wa ba bulala ngokubagwaza okukulu; a fa amadoda aketiweyo akwa Israeli a izinkulungwane ezi ngamakulu a isihlanu.
18Njaloke abantwana baka Israeli ba hlulwa ngalesosikati, nabakwaJuda ba nqoba, ngokuba betemba kuJehova uTixo wa oyise babo.
19uAbija wa m landela uJeroboamu, wa tata imizi kuyena, iBeteli nemizana ya kona neJeshana nemizana ya kona, neEfroni nemizana ya kona.
20uJeroboamu a ka banga namandhla ezinsukwini zika Abija; uJehova wa m tyaya, wa fa.
21Kodwa uAbija wanda wa namandhla, wa tata abafazi aba ishumi nane, wa zala amadodana a ngamashumi amabili nambili, namadodakazi a ishumi nesitupa.
22Nezinye izenzo zika Abija, nezindhlela zake, nezityo zake, zi lotyiwe endabeni yomprofeti uIddo.