1KWA ti ngasemva kwa loku futi, abantwana baka Moabi, naba kwa Amoni, nabanye be kanye naba kwa Amoni, ba fikela uJehoshafati ngempi
2Ba fika abanye ba tyela uJehoshafati, ba ti, u ya kufikelwa isixuku esikulu sa ngapambi kolwandhle nganeno kweSiria; futi, bheka, ba seHazazontama, eli seEngedi.
3uJehoshafati wesaba, wa funa uJehova, wenza ukuzila ukudhla kulo lonke izwe lakwa Juda.
4Nalo lonke la butana, ukucela ukusizwa kuJehova; ba puma kuyo yonke imizi ya seJuda ukumfuna uJehova.
5uJehoshafati wema esixukwini sakwa Juda neJerusalema, endhlini ka Jehova, ngapambi kwesihonqo esitya.
6Wa ti, O Jehova Tixo ka baba, a u busi ezulwini na? a u busi futi pezu kwemibuso yonke yabezizwe na? namandhla awako esandhleni sako na? ukuba u nge hlulwe muntu wena na?
7A u siye uTixo wetu na? o wa xotya abantu ba lelizwe ngapambi kwabantu bako abaIsraeli na? wa li nika inzalo ka Abrahama isihlobo sako ku ze ku be pakade na?
8Ba hlala kona, ba lakela kona igama lako indhlu, be ti.
9Lapo si fikelwa ububi, njengenkemba, nokwahlulela, nenhlupeko, nendhlala, uma si ma ngapambi kwa lendhlu nangapambi kwako, (ngokuba igama lako li kulendhlu,) si kalele wena ezinhlupekweni zetu, u zweke wena, u size.
10Manjeke, bheka, abantwana baka Amoni, noMoabi nabentaba iSira, o wala ukuba ba hlaselwe abaIsraeli, ekupumeni kwabo ezweni lasEgipite, kodwa ba penduka, a ba ba bulala.
11Bhekake, ukuvuza kwabo, ba si fikela ukuba ba si kipe kulo ifa lako, o si nikileyo lona ukuba si li fuye.
12O Tixo wetu, a ku yi ku bahlulela wena na? ngokuba a si namandhla ku lesi sixuku esikulu esi si fikelayo; ka si kwazi futi esi nga kwenzayo; amehlo etu kodwa a kuwe.
13Bonke aba kwaJuda bema ngapambi kuka Jehova, nezingane zabo, nabafazi babo, nabantwana babo,
14Wa fikake umoya ka Jehova pezu kuka Jahaziali, indodana ka Zekaria, indodana ka Benaia, indodana ka Jeieli, indodana ka Matania, umLevi wamadodana ka Asafa, ngapakati kwesixuku.
15Wa ti, Yizwani, nina nonke bakwa Juda, nabaseJerusalema, nawe Jehoshafati inkosi, U ti uJehova kinina, Ni nge sabi, ni tutumele ngenxa ya lesi sixuku esikulu; ngokuba impi e ka Jehova, a siyo e yenu.
16Yehlani ni ye kubona ngomuso; bheka; ba kupuka ngaseweni lakwaZize; no ba tola ekugcineni komfulana, be bhekene nehlane lakwa Jerueli.
17A ni yi ku dinga nokulwa kulempi; zilungiseni, ni me ni tule, ni bu bone ubungcwele buka Jehova bu kini. O Juda neJerusalema; ni ngesabi ni tutumele; ba pumeleni ngomuso; ngokuba uJehova u ya kuba nani.
18uJehoshafati wa kotama ngobuso emhlabatini; nabo bonke aba kwa Juda neJerusalema ba wa pambi kuka Jehova, be m dumisa.
19AmaLevi kubantwana bamaKohati, na kubantwana bamaKorhi bema uku dumisa uJehova uTixo ka Israeli ngezwi elikulu pezulu.
20Ba vuka ekuseni, ba ya ehlane la seTekoa; na lapo be hambayo uJehoshafati wema, wa ti, Yizwani mina, O Juda, naba seJerusalema; Kolwani kuJehova uTixo wenu, njaloke no qiniswa; kolwani abaprofeti bake, no busiswa.
21Lapo e se kulumile nabantu, wa keta a ba ya kuhlabelela kuJehova, na ba ya kudumisa ubuhle obu ingcwele, ekupumeni kwabo ngapambi kwempi, be ti, dumisani uJehova; ngokuba umusa wake u ma njalo.
22Lapo be qala ukugwaba, nokudumisa, uJehova, wa misa izinhloli ngakubantwana baka Amoni, noMoabi, nabentaba iSira, a ba be pumele aba kwa Juda; nabo ba bulawa.
23Ngokuba abantwana baka Amoni noMoabi ba hlasela abentaba iSira ukubaqeda nempela; nalapo se be ba qedile labo, balwa bodwa.
24Lapo aba kwa Juda ba fika exibeni eli sehlane, ba si bheka isixuku, ba ba bona be izidumbu nje pansi, a kwa baleka namunye.
25Lapo uJehoshafati nabantu bake ba fika uku tata impango, ba tola ingcebo eningi kuzo izidumbu, namagugu amahle a ba zi tatela wona, ba hlulwa uku zi mukisa zonke; ba ba nezinsuku ezintatu be buta impango, ngobuningi bayo.
26Ngosuku lobune ba butana esigodini sa seBeraka, ba dumisa kona uJehova; ngako igama la leyo ndawo la bizwa ngokuti, isigodi sa seBeraka, ku ze ku be namuhla nje.
27Ba buyake bonke abakwa Juda neJerusalema, be landela uJehoshafati ba buyela eJerusalema ngokujabula; ngokuba uJehova wa ba jabulisa pezu kwezita zabo.
28Ba fika eJerusalema endhlini ka Jehova be pete izingumbu, namatilongo.
29Ukumesaba uTixo kwa ba pezu kwemibuso yonke ya lezo zizwe, lapo se be zwile ukuba uJehova u lwe nezita zika Israeli.
30Ngakoke wonke umbuso ka Jehoshafati wa tula; ngokuba uTixo wake wa m nika ukupumula endaweni yonke.
31uJehoshafati wa busa pezu kweJuda; wa e neminyaka e ngamashumi amatatu nesihlanu e sa qala ukubusa, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu. Negama lika nina la li nguAzuba indodakazi ka Shilhi.
32Wa hamba ngendhlela ka Asa uyise, a ka pambuka kuyona, enza okulungileyo emehlweni ka Jehova.
33Kodwa izindawo ezi pakamileyo a zi suswanga; ngokuba abantu ba be nga ka zi lungisi izinhliziyo zabo kuTixo wa oyise.
34Manjeke izenzo ezinye, zika Jehoshafati, zakuqala, ne zasemuva, bheka, zi lotyiwe encwadini ka Jehu indodana ka Hanani, okukulunywa ngaye encwadini yamakosi a kwa Israeli.
35Ngasemva kwaloku uJehoshafati wa zihlanganisa noAhazia inkosi ya kwa Israeli, o wenza okubi kakulu;
36Wa hlangana naye ukwenza imikumbi ukuya eTarshishi; ba yenza imikumbi eEzion-gaba.
37uEliezari indodana ka Dodava wa seMaresha wa profeta ngoJehoshafati, wa ti, Ngokuba u zihlanganisile noAhazia, uJehova u yapulile imisebenzi yako. Nemikumbi ya pulwa, a ya ba namandhla ukuya eTarshishi.