1UJEHOSHAFATI wa lala nokoko bake, wambelwa nokoko bake emzini ka Davida. uJehoramu indodana yake wa busa endaweni yake.
2Wa e nabafo, amadodana ka Jehoshafati, uAzaria, noJehieli, noZekaria, noAzaria, noMikaeli, noShefatia; bonke laba ba be amadodana ka Jehoshafati inkosi yakwa Israeli.
3Uyise wa ba nika izipo ezikulu zesiliva, negolide, nezinto ezi igugu, nemizi ebiyiweyo eJuda; kodwa umbuso wa u nika uJehoramu, ngokuba wa e izibulo.
4uJehoramu e se vukile embusweni ka yise, wa ziqinisa, wa bulala bonke abafo wabo ngenkemba, nabanye bezikulu zakwa Israeli.
5uJehoramu wa e neminyaka e ngamashumi amatatu nambili e sa qala ukubusa, wa busa eJerusalema iminyaka e isishiyagalombili.
6Wa hamba ngendhlela yamakosi akwa Israeli, njengendhlu ka Ahabi ngokuba wa ganwa intombi ka Ahabi; wenza okubi emehiweni ka Jehova.
7Kodwa uJehova a ka i bulalanga indhlu ka Davida, ngenxa yesivumelwano a senzileyo noDavida, nangokuvuma kwake uku nika ukukanya kuyena namadodana ake ku ze ku be pakade.
8Ezinsukwini zake abakwaEdomi ba hlubuka embusweni ka Juda, ba zimisela inkosi.
9uJehoramu wa pumake nezikulu zake, nazo zonke izincwele zake; wa ba vukela ngobusuku, wa ba tyaya abakwaEdomi a ba be m haqile, nezinduna zezincwele.
10Ngakoke abakwaEdomi ba hlubuka esandhleni sikaJuda ku ze ku be namuhlanje. Na nga lesosikati iLibna la hlubuka esandhleni sake; ngokuba wa e m hlubukile uJehova uTixo wa oyise bake.
11Wenza futi izindawo ezipakamileyo ezintabeni zakwa Juda, wa sindezela aba seJerusalema ukuba benze ubufebe, neJuda wa li sindezela futi.
12Ya fika kuyena incwadi i vela kuElija umprofeti, i ti, U tyo uJehova uTixo ka Davida uyihlo, Ngokuba u nga hambanga ngezindhlela zika Jehoshafati uyihlo, na nge zika Asa inkosi yakwa Juda.
13Kodwa u hambe ngezindhlela zamakosi akwa Israeli, wenza abaJuda na ba seJerusalema benza ubufebe, njengabo abendhlu ka Ahabi, u ba bulele futi abafo wenu bendhlu ka yihlo, a ba be ku dhlula wena ngokulunga;
14Bheka, uJehova u ya ku tyaya abantu bako ngesifo esikulu, nabantwana bako, nabafazi bako, nayo yonke impahla yako;
15Nawe u ya kugula kakulu ematunjini, a ze a pume ngenxa ya loko kugula usuku ngosuku njalo.
16Futi uJehova wa xukuza uJehoramu ngomoya wamaFilisti, no waba seArabia, aba be seduze naba seEthiopia;
17Ba fika eJuda, ba fohloza, ba muka nako konke o kwa tolwa endhlini yenkosi namadodana ayo futi, nabafazi bayo; a kwa sala ndodana kuyona, uJehoahazi o ku uyena e mcane kupela.
18Ngasemva kwako konke loku, uJehova wa m tyaya ematunjini ngesifo esi nge poliswe.
19Kwa ti, emva kwesikati, emva kweminyaka emibili, a puma amatumbu ake ngenxa yokugula kwake; wa bulawa izifo ezibuhlungu. Abantu bake a ba tyisanga luto ngaye, njengokutyisela kwabo oyise.
20Wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amatatu nambili, wa busa eJerusalema iminyaka e isishiyagalombili, wa muka e nga fiswanga; Noko ba m bela emzini ka Davida, kodwa ku ngeko ematuneni amakosi.