1LAPO uSolomona e se qedile ukukuleka kwake, wehla umlilo ezulwini, wa i qeda imihlabelo etyiswayo; nodumo luka Jehova lwa i gcwalisa indhlu.
2Abapristi ba be nge nakungena endhlini ka Jehova, ngokuba udumo luka Jehova lwa lu i gcwalisile indhlu ka Jehova.
3Na lapo bonke abantwana bakwa Israeli ba bona ukwehla komlilo, nodumo luka Jehova pezu kwendhlu, ba kotama pansi ngobuso pezu kwegceke, ba kuleka, ba konza uJehova, be ti, Ngokuba u lungile yena, umusa wake u ma njalo.
4Inkosi nabantu bonke ba nikela imihlabelo ngapambi kuka Jehova,
5Inkosi uSolomona wenza umhlabelo wezinkabi ezi izinkulungwane ezingamashumi amabili namabili, nezimvu ezi izinkulungwane ezi ikulu namashumi amabili; njaloke inkosi nabantu bonke ba yenza ngcwele indhlu ka Tixo.
6Nabapristi ba hlala ezindaweni zabo; namaLevi futi e pete izingumbu zika Jehova, e za zenziwe uDavida inkosi ukudumisa uJehova, ngokuba umusa wake u ma njalo, lapo uDavida e dumisa ngokwenza kwawo; nabapristi ba beta amatilongo ngapambi kwabo, naba kwa Israeli bonke bema.
7Futi uSolomona wa lenza ngcwele ibala eli ngapambi kwendhlu ka Jehova; ngokuba wa tyisa lapo imihlabelo yake, namafuta emihlabelo yokutula, ngokuba ilati letusi elenziwa uSolomona la li nge nakwamkela imihlabelo, ne yenyama, ne yamafuta.
8Nangalesosikati uSolomona wenza lowo mhlabelo izinsuku ezi isikombisa, naba kwa Israeli bonke kanye naye, isixuku esikulu kakulu, ku suke ekungeneni kweHamati ku ze ku fike emfuleni wasEgipite.
9Nangosuku lwesishiyagalombili benza inhlangano e ingcwele; ba hlalela ukumiswa kwelati izinsuku ezi isikombisa, nomhlabelo izinsuku ezi isikombisa futi,
10Nangosuku lwamashumi amabili nantatu lwenyanga yesikombisa, wa tuma abantu ezindhlini zabo, be jabula ezinhliziyweni zabo, ngomusa ka Jehova a u bonakalise kuDavida, na kuSolomona, na kubo abaIsraeli abantu bake.
11Njaloke uSolomona wa i qeda indhlu ka Jehova, nendhlu yenkosi; konke okwangena enhliziyweni ka Solomona ukwenza endhlini ka Jehova, na kwe yake indhlu, kwa pelela impela.
12uJehova wa zibonakalisa kuSolomona ebusuku, wa ti ku yena, ngi wu zwile umtandazo wako, nami ngi ziketele lendawo i be indhlu yomhlabelo.
13Uma ngi ya li vala izulu i nga biko imvula, noma ngi yaleza isikonyane si qede izwe, noma ngi tuma izinhlupeko kubantu bami;
14Uma abantu bami, aba bizwa ngegama lami, ba ya zitobisa, ba kuleke, ba fune ubuso bami, ba penduke ezonweni zabo; ngi ya kuzwake ngi sezulwini, ngi yekele isono sabo, ngi polise izwe labo.
15Manje amehlo ami a ya kuvuleka, nezindhlebe zi wu lalele umtandazo owenziwayo ku lendawo.
16Ngokuba manje ngi i ketile nga yenza ngcwele lendhlu, ukuze li be lapo igama lami ku ze ku be ngunapakade; namehlo ami nenhliziyo yami i be lapo njalo njalo.
17Naweke, uma u ya hamba ngapambi kwami njengokuhamba kuka Davida uyihlo, wenze ngako konke ukuyaleza kwami, u namatele emitetweni yami, naseminqamulweni yami;
18Ngo si misake isihlalo sobukosi sombuso wako, njengesivumelwano sami noDavida uyihlo, ngi ti, A ku yi ku puta muntu a be umbusi eIsraeli.
19Kodwa uma ni ya penduka ni yi shiye imiteto yami, neziyalezo zami, e ngi zi bekileyo ngapambi kwenu, ni hambe ni konze ezinye izitixo, ni zi dumise;
20Ngi ya kubakipake ngezimpande ezweni e ngi ba nikileyo lona; na lendhlu, e ngi yenze ngcwele ngenxa yegama lami, ngi ya kuifihla, emehlweni ami, ngi kwenze ku be isiga ezizweni zonke.
21Na lendhlu e pezulu, i ya kuba isimangaliso kubo bonke aba dhlulayo; naye u ya kuti, uJehova u kwenzeleni loku ku lelizwe, na kulendhlu na?
22Ko pendulwa ku tiwe, ngokuba ba m dela uJehova uTixo wa oyise babo, o wa ba kipayo ezweni lasEgipite, ba bambelela kwezinye izitixo, ba zi dumisa, ba zi konza; ngakoke u bu letile bonke lobu bubi pezu kwabo.