1KWA ti emva kweminyaka e ngamashumi amabili, ngasemva kokwaka kuka Solomona indhlu ka Jehova, nendhlu yake,
2uSolomona wa i vusa imizi a i nikwa nguHuramu, wa hlalisa kona aba kwa Israeli.
3uSolomona wa ya eHamatzoba, wa lahlula.
4Wa laka neTadmo ehlane, nayo yonke imizi yempahla, a yakileyo eHamati.
5Waka futi i Beti-horoni ngapezulu, neBeti-horoni e li ngasenzansi, imizi e biyiweyo, e nezindonga, nezivalo, nezinsika.
6NeBalati, nayo yonke imizi yempahla e ya i nge ka Solomona, nayo yonke imizi yezincwele, nemizi yabamahashi, nayo yonke e ya tanda ukwakiwa uSolomona eJerusalema, na seLebanoni, na kulo lonke izwe lombuso wake.
7Abantu bonke aba insali yamaHiti, neyamaAmori, neyamaPerizi, neyamaHivi, neyamaJebusi, aba nge sibo aba kwa Israeli.
8Kodwa kubantwana babo, insali yabo, ezweni, a ba nga qedwanga aba kwa Israeli, uSolomona wa ba telisake ku ze ku be namuhla.
9Kodwa uSolomona a ka benzanga izicaka aba kwa Israeli; ba be ngamadoda okulwa, abakulu bezinduna zake, nezinduna zezincwele nabamahashi bake.
10Abakulu bezinduna zenkosi uSolomona, ba be ikulu namashumi a isihlanu, a ba be busa pezu kwabantu.
11NoSolomona wa tata intombi ka Faro, emzini ka Davida wa i kupulela endhlini a yakele yona; ngokuba wa ti umkami, a nge hlale endhlini ka Davida inkosi ya kwa Israeli, ngokuba izindawo zi ingcwele, lapo ku fike kona umpongolo ka Jehova.
12uSolomona wenzela uJehova imihlabelo etyiswayo pezu kwelati lika Jehova, a lakileyo ngapambi kwendhlu.
13E hlabela njalo njengesiyalezo sika Mosi, ngamasabata, nangezinyanga ezintya, nangemihlabelo e ingcwele, katatu ngomnyaka, ngomhlabelo wesinkwa esingakukumileyo, nowamasonto, nowamatabanekele.
14Wa misa, njengesiyalezo sika Davida uyise, abapristi endaweni yabo, namaLevi kwe yabo, ukukonza nokusebenzela abapristi, njalo ngosuku; nabeminyango njalo eminyango yabo yonke; ngokuba uDavida umuntu ka Tixo wa yaleza njalo.
15Nabo a ba pambukanga kuso isiyalezo senkosi kubapristi namaLevi ngayo lendaba, na ngawo amagugu.
16Wonke umsebenzi ka Solomona wa u su lungile ngalo usuku lokwenziwa isisekelo sendhlu, ka Jehova, ya ze ya pela. Njaloke indhlu ka Jehova ya qedwa.
17Wa yake uSolomona eEzion-gaba, naseEloti, ezweni laseEdomi ngaselwandhle.
18uHuramu wa m tumela imikumbi ngezinceku zake, izinceku e za zi lwe jayele ulwandhle; za hamba nezinceku zika Solomona eOfire, za tata kona amatalenta egolide a ngamakulu amane namashumi a isihlanu, za wa leta kuSolomona inkosi.