1LAPO inkosikazi ya seSheba yezwa ngodumo luka Solomona, yeza uku m linga uSolomona eJerusalema ngemibuzo elukuni, i hamba nesixuku esikulu, namakamelo e twele amaka, negolide eliningi, namatye a igugu; na lapo e se fikile kuSolomona, wa kuluma nayo ngako konke oku senhliziyweni yayo.
2uSolomona wa i pendula yonke imibuzo yake; a kwa tukuswa luto kuSolomona a nga m tyelanga kona.
3Lapo inkosikazi ya seSheba ya ku bona ukwazi kuka Solomona, nendhlu a yakileyo.
4Nenyama yetebula lake, nokuhlala kwezinceku zake, nokufika kwabasizi bake, nokugqoka kwabo; nabapati bezitya zake, nokugqoka kwabo; nendhlela a kupukela ngayo endhlini ka Jehova; a kwabako moya kuyona.
5Ya ti kuyo inkosi, kwa ku qinisile e nga kuzwayo ngi sezweni lami ngezenzo zako, na ngokwazi kwako.
6Kodwa a ngi kolwanga amazwi abo, nga ze nga fika, nga bona ngamehlo ami; bheka, a ngi tyelwanga nenxenye yobukulu bako nokwazi kwako; ngokuba u ya ludhlula kakulu udumo e ngi lu zwileyo.
7Ba ya jabula abantu bako, na lezi zinceku zako, e zi ma njalo ngapambi kwako, zi zwa ukuhlakanipa kwako.
8Ma ka busiswe uJehova uTixo wako, o tandileyo ukukumisa esihlalweni sobukosi bake, u be inkosi kuJehova uTixo wako; ngokuba uTixo wako wa ba tanda abaIsraeli, ukubahlalisa njalo njalo, ngakoke wa kwenza u be inkosi pezu kwabo, ukubahlulela kahle.
9Ya i nika inkosi amatalenta egolide a ikulu namashumi amabili, namaka amaningi, namatye a igugu; e ngeko nakanye amaka a njenga lawo a nikwa uSolomona inkosikazi ya seSheba.
10Nezinceku zika Huramu, nezika Solomona, e za buya negolide eOfiri, za leta imiti yealgume namatye a igugu.
11Inkosi yenza ngayo imiti yealgume, izindawo zokunyatela zendhlu ka Jehova, nasesigodhlweni senkosi, nezingumbu zabagwabayo; a kwa bonakala nakanye okunjalo ezweni lakwa Juda.
12Inkosi uSolomona wa i nika inkosikazi ya seSheba konke e ku funayo, ne ku celileyo, kanye nako a e ku letele inkosi. Ya pendukake, ya buyela ezweni layo, yona nezinceku zayo.
13Isikalo segolide ela fika kuSolomona ngomnyaka munye, sa si ngamatalenta egolide a ngamakulu a isitupa namashumi a isitupa nesitupa;
14Ngapandhle kwa loko okwa letwa abatengi nabatengisi. Namakosi onke a seArabia, nezikulu zezwe za leta isiliva negolide kuSolomona.
15Inkosi uSolomona yenza izihlangu ezi ngamakulu amabili ngegolide eli kandiweyo; amashekeli a ngamakulu a isitupa egolide elikandiweyo kuso esinye isihlangu njalo.
16Wenza futi amahau ngamakulu amatatu egolide elikandiweyo; amashekeli a ngamakulu amatatu kulo elinye ihau. Inkosi ya wa beka endhlini yehlati la seLebanoni.
17Futi inkosi yenza isihlalo sobukosi esikulu ngezimpondo zendhlovu ya si nameka ngegolide elihle.
18Kwa ku kona izindhlela ezi isitupa kuso isihlalo, nendawo yezinyawo yegolide, e ya hlanganiswa nesihlalo, nezisekelo ngalapa na ngalapa kwendawo yokuhlala, namabubesi amabili emi nga kuzo izisekelo;
19Kwema amabubesi a ishumi nambili ngalapa na ngalapa pezu kwezindhlela ezi isitupa. Ku ngeko okunjalo kuyo yonke imibuso.
20Nazo zonke izitya zokupuza zenkosi uSolomona, za zi nge zegolide, nazo zonke izitya zendhlu yehlati la seLebanoni za zi igolide elihle; ku ngeko ezesiliva, la li nge into ya luto ezinsukwini zika Solomona.
21Ngokuba imikumbi yenkosi ya ya eTarshishi kanye nezinceku zika Huramu, njalo ngeminyaka emitatu i fika imikumbu yeTarshishi i leta igolide, nesiliva, nezimpondo zenhlovu nezimfene, nezinyoni, zezulu.
22Inkosi uSolomona wa wa dhlula onke amakosi omhlaba ngengcebo, nangokwazi.
23Onke amakosi omhlaba a m funa uSolomona, ukuzwa ukwazi kwake, oku bekwe uTixo enhliziyweni yake.
24Ilowo wa leta isipo sake, izitya zesiliva, nezitya zegolide, nezingubo, namaka, namahashi, nezimbongolo, njalo ngomnyaka ngomnyaka.
25uSolomona wa e nezindawo zamahashi nezincwele ezi izinkulungwane ezine, nabamahashi aba izinkulungwane ezi ishumi nambili; a ba bekayo emizini yezincwele, na kuyo inkosi eJerusalema.
26Wa wa busa onke amakosi kwa suka emfuleni, kwa ze kwa fika ezweni lamaFilisti, na sosebeni lwEgipite.
27Inkosi yenza isiliva eJerusalema la njengamatye, nemiti yesedare wa yenza ya njengemitombo yesigodi ngobuningi.
28NabasEgipite ba letela uSolomona amahashi, nabezizwe zonke.
29Manjeke izenzo zika Solomona, ezakuqala nezokugcina, a zi lotyiwe ini encwadini ka Natani umprofeti, na kuko ukutyo kuka Ahija umShiloni, na kuzo iziboniso zika Iddo o wa e pambene noJeroboamu indodana ka Nebati na?
30uSolomona wa busa pezu kwabaIsraeli eJerusalema iminyaka e ngamashumi amane.
31uSolomona wa lala nokoko bake, wambelwa emzini ka Davida uyise uRehoboamu indodana yake ya busa esikundhleni sake.