1NGALESOSIKATI u ya kuma uMikaeli isikulu esikulu esi mele abantwana babantu bako; ko ti si be kona isikati sokuhlupeka, esinje e si nga zanga si be kona, i loku kwa ba kona isizwe ku ze ku be lesosikati; ko ti ngalesosikati abantu bako ba kululwe bonke a ba funyanwa be lotyiwe encwadini.
2Ku ya kuti abaningi babo aba lele otulini lomhlaba ba vuke, abanye ebomini obungapeliyo, nabanye ekusolweni, na sekudelweni okungunapakade.
3Kepa abaqoto ba ya kukanya njengokukazimula komkati, nabo aba hola abaningi ekulungeni njengezinkanyezi ku ze ku be pakade napakade.
4Kepa wena Danyeli gcina lamazwi, u namatelise incwadi ku ze ku be isikati sokupela; abaningi ba ya kuhlolisisa, ko ti kwande ukwazi.
5Nga se ngi bheka mina Danyeli, bhekake, abanye ababili be ma, omunye nga lapa kodonga lomfula, nomunye nga lapaya kodonga lomfula.
6Lapo omunye wa ti kumuntu o wembete ilineni elihle o be pezu kwamanzi omfula; Ko za ku be nini ukupela kwa lemimangaliso na?
7Nga se ngi zwa umuntu owembete ilineni elihle, o be pezu kwamanzi omfula, lapo wa pakamisa isandhla sokunene sake, nesokohlo sake ezulwini, wa funga ngaye o hlezi ku ze ku be pakade; ukuba ko ba o kwesikati, nezikati, nenxenye; ko ti ekuqedeni kokuhlakazwa kwamandhla abantu aba ingcwele, loku konke ko qedwa.
8Nge zwa mina, kodwa a ngi zwisanga; nga se ngi ti, Nkosi yami, ku yini ukupela kwa loku na?
9Wa ti yena, Hamba Danyeli, ngokuba lamazwi a gciniwe, a namatelisiwe, ku ze ku be isikati sokupela.
10Abaningi ba ya kuhlanzwa, benziwe mhlope, ba lingwe; kodwa ababi ba ya kwenza kabi, a ba yi kwazisisa noyedwa wababi, kodwa abaqoto ba ya kwazisisa.
11Ko ti kwa sesikatini sokususwa kokunikelwa kwemihla, na sekumiseni ukunengeka okucitayo, zo ba kona izinsuku ezi inkulungwane namakulu amabili namashumi ashiyagalolunye.
12U busisiwe yena o bekela, e finyelele ezinsukwini ezi inkulungwane namakulu amatatu namashumi amatatu nesihlanu.
13Kepa hamba wena ku ze ku sekupeleni, wo pumula wena, u me enkatweni yako ekupeleni kwemihla.