1NGONYAKA wokuqala ka Darisu umMadai, ngema mina ukumsiza nokumqinisa.
2Na kaloku ngo ku bonisa iqiniso, bheka ku se zo ku ma amakosi amatatu eParasi: ko ti eyesine yo fuya imfuyo enkulu ku nabo bonke, ku ya kuti emandhleni ayo i vuse bonke ngemfuyo yayo nga kuwo umbuso wa seJavani.
3Ko ti inkosi e namandhla i me, i buse ngokubusa okukulu, yenze njengentando yayo.
4Ku ya kuti ekumeni kwayo, umbuso wayo u fohlozwe, wahlulwe ngasemimoyeni emine yezulu; ku nga bi kubo abenzalo yayo, na njengokubusa kwayo e ku busayo; ngokuba umbuso wayo u ya kudonyulwa, u be kubo abanye ngapandhle kwalaba.
5I ya kuti inkosi ya seningizimu i bo namandhla, naye omunye wezikulu zayo; yena wo ba namandhla pezu kwayo, a buse; umbuso omkulu umbuso wake.
6Ko ti ekupeleni kweminyaka ba hlangane; nendodakazi yenkosi ya seningizimu yo za kuyo inkosi ya senyakato ukwenza ukuvumelana; kepa a i yi ku gcina amandhla engalo; futi yona inkosi a i yi ku ma nengalo yayo: kodwa yo buyiselwa naba yi zisayo, no yi zeleyo, no yi sizayo ngezikati lezo.
7Kepa egatyeni lezimpande zayo omunye u zo vuka esikundhleni sayo, e ze nebandhla, a ngene ezinqabeni zenkosi ya senyakato, enze ngakuzo a zi bambe.
8Futi a yise Egipite ekutunjweni izitixo zabo, nezitombe zabo, neziya zabo ezitandiweyo zegolide nezesiliva; yena u ya kuma iminyaka e hlukene nenkosi ya senyakato.
9Ko ti yona i ze embusweni wenkosi ya seningizimu, kepa yo buyela ezweni layo.
10Ku ya kuti amadodana ayo a vuselwe, a hlanganise iningi lamabandhla amakulu; ko ti pela omunye a fike, a minze, a dabule; a buye futi a lwe ku ze ku be senqabeni yayo.
11Lapo inkosi ya seningizimu yo tukutela, i pume, i lwe nayo, ukuti nenkosi ya senyakato; yo misa ibandhla elikulu, lelibandhla li nikelwe esandhleni sayo.
12Ko ti lelibandhla li zipakamise, i pakame enhliziyweni yayo; yona yo wisa izinkulungwane ezingamashumi amabili; kodwa a i zo ba namandhla.
13Lapo inkosi ya senyakato yo buya, i mise ibandhla elikulu ku nelokuqala, i ze pela ekupeleni kwezikati e zi iminyaka, i nempi enkulu, nemfuyo eningi.
14Ko ti ezikatini lezi abaningi ba tiyeze inkosi ya seningizimu, futi abantwana babapangi babantu bako ba ya kuzipakamisa ukumisa isibonakaliso, kodwa ba ya kuwa.
15Kona inkosi ya senyakato yo fika, i qonge udonga, i bambe umuzi o inqaba; lapo izimpi za seningizimu a zi yi ku ma, e zi ti abantu abaketiweyo bayo, a ku yi ku ba kona amandhla okuma.
16Kepa yena o zayo u ya kwenza kuyo njengentando yake, ku ngeko o ya kuma pambi kwake; u ya kuti e me ezweni elihle, li be sesandhleni sake impela.
17Wo ti a beke ubuso bake ukungena emandhleni onke ombuso wake, a kwenze kona okulungelelana naye; ko ti yena a yi nika indodakazi yesifazana uku wu cita; kepa a wu yi ku ma, a wu yi ku ba kuye.
18Lapo wo buyisela eziqingini ubuso bake, a bambe eziningi, ko ti inkosana i pelise ukuyidela kwake; i buyisele kuye ukudela kwake futi.
19Lapo wo pendulela ezinqabeni zezwe lakubo ubuso bake, kepa u zo pelelwa amandhla, a we, e nga funyanwa.
20Kona u ya kuma esikundhleni sake yena o dhlulisa umtelisi wemali ebuhleni bombuso; kepa u ya kubujiswa ezinsukwini ezilandelayo, ku nge ngolaka, ku nge na ngakulwa.
21Lapo u ya kuma esikundhleni sake odelekileyo, a ba nga m niki ubukosi bombuso kodwa, kepa u zo ngena ngokutula, a bambe umbuso ngokufeteza.
22Ko ti izimpi eziminzayo zi minzwe pambi kwake, zi fohlozwe, nesikulu esi be novumelwano futi.
23Ku ya kuti emva kokuvumelana naso, a sebenze ngenkohliso, a kupuke, a be namandhla ngesigaba esincane.
24Wo ngena ngokutula ezindaweni ezinotileyo zezwe, enze loku oyise a ba nga kwenzanga, noyise ba oyise; wo hlakaza pakati kwabo okubanjiweyo, nempango, nengcebo; u cebe amacebo ake nga kuzo izinqaba ku ze ku be isikati.
25Lapo wo vusela inkosi ya seningizimu amandhla ake, nenhliziyo yake, e nempi enkulu, nenkosi ya seningizimu yo vuselwa ukulwa, i nempi enkulu e namandhla ahlulayo, kepa a i yi ku ma, ngokuba ba ya kucebela yona amacebo.
26Na labo aba dhla ukudhla okumnandi kwayo ba ya ku yi coboza; ko ti, impi yayo i dhlulele, ba we pansi abaningi be hlatyiwe.
27Kepa nga lamakosi amabili, inhliziyo yawo i kuko ukonakala, futi ba ya ku kuluma amanga be setebuleni linye; kepa a ku yi ku qubeka loku, ngokuba ukugcina ku sesikatini esimisiweyo noko.
28Ku ya kuti a buyele ezweni lake, e nengcebo enkulu, nenhliziyo i pambene novumelwano olu ingcwele; yena u ya kwenza, a buyele ezweni lake.
29Ngesikati esimisiweyo u ya kubuya, e ze ezansi, kodwa a ku yi ku ba njengokwakuqala okwa semva.
30Ngokuba imikumbu ya seKitimi i ya kuza nga kuye; ngako wo jamba, a buye, a tukutele nga kulo uvumelwano olu ingcwele, enze; lapo wo buya a qondane nabo a ba shiya uvumelwano olu ingcwele.
31Ku ya ku ti izimpi zi me zi vele kuye, zonakalise indhlu engcwele, e yinqaba, zi suse ukunikela kwemihla, zi mise ukunengeka okucitayo.
32Ko ti abapuli bovumelwano, u ya ku bedusa ngokufeteza; kodwa abantu a ba m aziyo uTixo ba ya kuqina benze.
33Kona abezwisayo babantu ba ya kufundisa abaningi; kepa ba ya kuwa ngenkemba, na ngelangabi; ngokutunjwa, na ngokupangwa ngemihla.
34Ko ti ekuweni kwabo ba sizwe ngokusiza oku ingcozana, futi abaningi ba zo zihlanganisa ku bona ngokufeteza.
35Ku ya kuti abanye ba bezwisayo ba we uku ba linga, noku ba hlanzisa, noku benza mhlope, ku ze ku be isikati sokupela, ngokuba ku se za ku ba ngesikati esimisiweyo.
36Ko ti inkosi yenze njengetando yayo, i zikukumeze, izikulise pezu kwezitixo zonke, na nga kuye uTixo wezitixo i kulume okumangalisayo; yahlule ku ze ku pelele intukutelo, ngokuba okumisiweyo ku ya kwenziwa.
37A i yi ku naka izitixo zika yise nokutandwa isifazana; a i yi ku naka isitixo nesodwa, ngokuba yo zikulisa pezu kwazo zonke.
38Kepa isitixo sezinqaba endaweni yaso yo si dumisa, si ti, isitixo oyise bayo a ba nga sazanga yo si dumisa ngegolide, na ngesiliva, na ngamatye amahle, na ngokutandiweyo.
39Yo ti yenze ezinqabeni ezi namandhla ezi nesitixo esi ngaziwayo, i ba dumise kakulu bona aba yi hlonipayo; yenze ukuba ba buse pezu kwabaningi, i yahlulele intengo izwe.
40Ko ti ngesikati sokupela inkosi ya seningizimu i m sunduzele, kona inkosi ya senyakato i ya kuza nga kuye ngokwesivunguvungu ngezincwele, na ngabakweli emahashini, na ngemikumbu eminingi, i ngene emazweni, i minze, i dhlule.
41Yona i zo ngena ezweni elihle, amazwe amaningi a ya kuwa, kepa wona a zo sinda esandhleni sayo, a tiwa iEdomi, neMoabi, nezikulu zamadodana ka Amoni.
42Yo selula isandhla sayo pezu kwamazwe, nezwe la sEgipite a li yi ku kululwa.
43Futi yo busa pezu kwengcebo yegolide, nesiliva na pezu kokutandiweyo konke kwa sEgipite; nabaLubi nabaKushi bo ba sezinyatelweni zayo.
44Kepa ba ya ku yetusa ngembiko i vele empumalanga, na senyakato, yo ti i pume ngentukutelo enkulu, ukucita noku qeda impela abaningi.
45Yo ti i mise amatente a yisigodhlo sayo emkatini wezilwandhle entabeni enhle eyingcwele, kepa i zo fika ekupeleni kwayo, ku ngeko o yi sizayo.