1NGONYAKA wesitatu ka Kuresi inkosi ya seParasi, indaba ya boniswa kuDanyeli ogama lake la bizwa uBelteshazari; ya i iqiniso indaba, kwa ku kulu ukulwa; wa ti wa yazisisa indaba, wa be nokwazisisa ngesibonakalo.
2Nga leyo mihla mina Danyeli nga be ngi lila amasonto amatatu ezinsuku;
3Nga ngi nga dhli isinkwa esihle, newaini a li ngenanga emlonyeni wami, a ngi zanga ngi zi gcobe ku ze ku pelele amasonto amatatu ezinsuku.
4Kwa ti ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, nga be ngi secaleni lomfula omkulu o tiwa uHidakeli.
5Nga ti nga pakamisa amehlo ami, nga bona, bhekake umuntu embete ilineni elihle, e bince okalweni igolide la seUfazi.
6Umzimba wake njengetopazi, nobuso bake njengokubonakala kombani, namehlo ake njengezibani zomlilo, izingalo zake, nezinyawo zake njengokubonakala kwetusi elikazimulayo, nezwi lamazwi ake njengezwi lebandhla.
7Nga ti mina Danyeli nga bona izibonakalo ngedwa, kepa abantu a ba be nami a ba bonanga isibonakalo, kodwa ukututumela okukulu kwa wa pezu kwabo, ba ze ba baleka ukuzisiteza.
8Nga ti nga sala ngedwa, nga bona isibonakalo esikulu lesi, futi a ka salanga amandhla kimi, kwa guqulelwa nokuqina kwami ekubujisweni, nga ngi nga salelwa amandhla.
9Nga se ngi zwa izwi lamazwi ake, na lapo nge zwa izwi lamazwi ake, nga be ngi lele ngobuso bami, nobuso bami bu semhlabatini.
10Bhekake isandhla sa ngi pata, sa ngi tengezelisa emadolweni ami, nasezimpamwini zezandhla zami.
11Wa se e ti kimi, Danyeli muntu otandiweyo, yazisisa amazwi e ngi wa kuluma kuwe, u me ngokuma kwako; ngokuba ngi tunyiwe kuwe kaloku; kwa ti se e kulume lelizwi, ngema ngi tutumela.
12Lapo wa ti kimi, U ngesabi Danyeli, ngokuba kwa sosukwini lokuqala owa beka ngalo inhliziyo yako ukuqonda, nokuzitoba pambi kuka Tixo, amazwi ako a zwiwe, ngi ze mina ngamazwi ako.
13Kepa isikulu sombuso wa seParasi sa ngi tibela izinsuku ezingamashumi amabili nanye; kanti bheka uMikaeli omunye wezikulu ezahlalayo we za ukungisiza; nga za mina nga shiywa kona ngasemakosini a seParasi.
14Kepa ngi ze ukukwazisisa loku oku ya kuza kubantu bako ezinsukwini ezilandelayo, ngokuba isibonakalo si se nezinsuku.
15Kwa ti ekukulumeni kwake nami ngokwa lamazwi nga beka ubuso bami emhlabatini, nga tula.
16Bhekake o njengokubonakala kwamadodana omuntu e pata izindebe zami; lapo nga kamisa umlomo wami, nga kuluma; nga ti kuye owa e mi ngapambili kwami, Nkosi yami, ngesibonakalo ubuhlungu bami bu pendukele pezu kwami, futi a ngi se namandhla.
17Ngokuba inceku ya lenkosi yami i nga kuluma kanjani nayo lenkosi yami? ku ti, mina ku suke manje a ku sele amandhla kimi, a ku se ko umpefumlo kimi.
18Wa se e pinda wa ngi pata o nesimo somuntu, wa ngi qinisa.
19Wa ti, U ngesabi muntu otandiweyo, ukuhlala kahle ma ku be kuwe, qina, qinake; kwa ti ekukulumeni kwake nga qina, nga ti, Ma i kulume inkosi yami, ngokuba u ngi qinisile.
20Wa se e ti, U yazi yini ukuba ngi ze kuwe ngani? na kaloku ngo buyela ukulwa nesikulu sa seParasi; ko ti uma se ngi pumile, bhekake isikulu sa seJavani si fike.
21Kepa ngo ku tyela loku okulotyiwe embalweni weqiniso; futi amuko noyedwa o bambisana nami nga ku zona, kupela uMikaeli isikulu senu.