1KWA buya kwa fika kimi izwi lika Jehova, li ti.
2Wenake, Ndodana yomuntu, njalo i tyo iNkosi uJehova kulo izwe la seIsraeli; ukugqiba se ku fikile, ukugqiba pezu kwamagumbe amane ezwe.
3Kaloku ukugqiba ku pezu kwako, ngi ya kuti ngi tume ulaka lwami pezu kwako, ngi pindisele pezu kwako ukunengeka konke kwako.
4Ko ti iso lami li nga ku dabukeli, ngi nga ku haukeli futi; ngokuba ngo pindisela izindhlela zako pezu kwako, nokunengeka kwako ko ba pakati kwako, ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova.
5Njalo i tyo iNkosi uJehova; ukonakala, ukonakala, oku kodwa, bheka, se ku fikile.
6Ukugqiba ku fikile, ku fikile ukugqiba, ku vukela wena; bheka se ku fikile.
7Isondo li ya sondela Wena o hlezi ezweni; se ku fikile isikati, lu seduze usuku lwevuso, ku nge siko ukwetaba ezintabeni.
8Kaloku ngo tela intukutelo yami pezu kwako ngokuzumeka, ngi feze ulaka lwami pezu kwako; mina ngi ya kwahlula njengezindhlela zako; ngi pindisele kuwe ngokwenza okunengekayo konke kwako.
9Ko ti iso lami li nga ku dabukeli, ngi nga ku haukeli futi; ngo pindisela pezu kwako njengezindhlela zako, nokwenza kwako okunengekayo o ku kona pakati kwako; ni ya kuti nazi ukuba ngi nguJehova otyayayo.
10Bheka usuku, bheka lu ye za; isondo li gqibile; intonga i milile, ukuzidhla ku kahlele.
11Ukonakalisa se ku vukile ku ze ku be intonga yokubi; a ku yi ku sala ku bona, a ku yi ku sala nesixuku sabo, a ku yi ku sala nengcebo yabo; a ku yi ku ba kona nokulilela bona.
12Isikati se si fikile, usuku lu sondele; otengayo ma ka nga jabuli, notengisayo ma ka nga lili, ngokuba intukutelo i pezu kwesixuku sonke salo.
13Ngokuba otengisayo a ka yi ku buyisela loku a ku tengiweyo, nokuba ba sa pila pakati kwabezwayo; ngokuba isibonakalo si kuso isixuku sonke salo, a si yi ku buya; futi a ka yi ku ziqinisa ebubini bake namunye umuntu.
14Ba kalisile ngetilongo ukulungisa konke, kepa akuko o ya ekulweni; ngokuba intukutelo yami i pezu kwesixuku sonke salo.
15Inkemba i ngapandhle, isifo nendhlala ku pakati; yena o sendhle wo fa ngenkemba; yena o semzini, indhlala nesifo ku ya ku mu dhla.
16Kodwa abasindayo babo ba ya kusinda, ba be ezintabeni njengamajuba emifunda, be kala ilowo nalowo ngezono zake.
17Izandhla zonke zi ya kudangala, namadolo onke a ya kuguquka amanzi.
18Ba ya kwambata izindwangu zoboya, futi ukututumala ko ba sibekela; ko ba kona izinhloni ebusweni bonke, nempandhla pezu kwamakanda onke.
19Ba zo ponsa isiliva labo ezindhleleni, negolide labo lo ba ukunengeka; isiliva labo negolide labo a li yi ku ba namandhla uku ba sindisa ngomhla wolaka luka Jehova; a ba yi ku sutisa imipefumlo yabo, namatumbu abo a ba yi ku wa gcwalisa: ngokuba ububi babo bu isikubekiso.
20Ubuhle besivunulo sake wa bu beka ebukosini: kepa imifanekiso yokunengeka kwabo, i ti izinto ezingcolileyo zabo ba zenzile zona pakati kwabo; ngako ngi benzile bu be isinengeko ku bona.
21Ngi ya kuti ngi bu nike ezandhleni zabafo bu be isitunjwa, na kubo ababi bezwe bu be impango; ba bu ngcolise.
22Ngo ti ngi fulatela ubuso bami ku bona, ba ngcolise indawo yami esitekileyo; ngokuba abapangi ba ya kungena ba yi ngcolise.
23Yenza iketango; ngokuba izwe li gcwele amacala egazi, nomuzi u gcwele ukonakalisa.
24Ko ti ngi zise ababi bezizwe, ba bambe izindhlu zabo; Lapo ngi ya kwenza bu pele ubukosi baba namandhla; nezindawo zabo eziyingcwele zo ngcoliswa.
25Ukwetuka ku ye za, ba ti ba funisisela ukuhlala kahle, ku ngeko kodwa.
26Ukuwa ko fika nga pezu kokuwa, ko ba kona imbiko nga pezu kwembiko, lapo ba zo funa isibonakalo somazisi; kepa umteto wo m putela umazisi, nesiyalo abadala.
27Inkosi yo nyukumala, namakosana a ya kwambatiswa ukucitakala, nezandhla zabantu bezwe zo tutumala; ngi ya kwenza ku bona njengendhlela yabo, na ngokwamacala abo ngo bahlulela; Ba ya kuti bazi ukuba ngi nguJehova.