1NGOMNYAKA wesibili ka Dariusi inkosi, ngenyanga yesitupa, ngosuku lokuqala lwenyanga, izwi lika Jehova la ba kona ngesandhla sika Hagai umazisi kuZerubabeli indodana ka Shealtieli umbusi wa seJuda, na kuJoshua indodana ka Josadaki umteteleli omkulu, ukuti.
2Njalo u tyo uJehova wamabandhla, ukuti, Lababantu ba ti, A si ka fiki isikati sokwakiwa kwendhlu ka Jehova.
3Lapo izwi lika Jehova la ba kona ngesandhla sika Hagai umazisi, lokuti.
4Po ku isikati ini sokuba ni hlale ezindhlini zenu ezifulelweyo, kanti indhlu le i citeka na?
5Kalokuke njalo u tyo uJehova wamabandhla, bhekani ezinhliziyweni zenu izindhlela zenu.
6Ni hlwanyele okuningi, ni ngenisa oku ingcozana kodwa; ni ya dhla kodwa ni nga suti; ni puza, ni nga kolwa; nambata ku nga fudumali muntu, yena okokelwayo u ya kokelwa a tele esikwameni esibobokileyo.
7Njalo u tyo uJehova wamabandhla; bhekeni ezinhliziyweni zenu izindhlela zenu.
8Kupukelani entabeni, ni lete imiti, nake indhlu; ngi ya kuti ngi tokoze kuyo, futi ngi ya kudunyiswa, u tyo uJehova.
9Be ni beka okuningi, bhekanike, nako ku ingcozana; nalapo na ku yisa endhlini, nga pepeta pezu kwako. Ngani na? u tyo uJehova wamandhla. Ngenxa yendhlu yami e citakele yona, kanti nina ni gijimela ilomuntu endhlini yake.
10Ngako izulu pezu kwenu li vinjelwa li nga bi nambete, nezwe li vinjelwa ekuteleni kwalo.
11Futi nga biza ukoma pezu kwezwe, na pezu kwezintaba, na pezu kokolweni, na pezu kwewaini elitya, na pezu kwamafuta, na pezu kwa loko izwe e li ku vezayo, na pezu kwabantu, na pezu kwezinkomo, na pezu kwako konke okusetyenzwa ngezandhla.
12Lapo uZerubabeli indodana ka Shealtieli noJoshua indodana ka Josadaki umteteleli omkulu, nensalo yonke yabantu, ba lalela kulo izwi lika Jehova, uTixo wabo, na kuwo amazwi ka Hagai umazisi, njengaloko uJehova uTixo wabo wa be e m tumile, ba ti abantu besaba pambi kuka Jehova.
13Lapo uHagai isitunywa sika Jehova wa kuluma ekukonzeni kuka Jehova kubantu, ngokuti; Mina ngi kini u tyo uJehova.
14Wa ti uJehova wa vusa umoya ka Zerubabeli indodana ka Shealtieli umbusi wa seJuda nomoya ka Joshua indodana ka Josadaki umteteleli omkulu, nomoya wensalo yonke yabantu; ba ti benza ukukonza endhlini ka Jehova wamabandhla, uTixo wabo.
15Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yesitupa, ngomnyaka wesibili ka Dariusi inkosi.