1IZWI lika Jehova ela fika kuJeremia ngokomisa kwezulu.
2iJuda li dabukile, amasango alo a dangele; ba ya lila be hlala pansi; ukukala kuka Jerusalema kwenyukile.
3Izikulu zalo zi tumile abancinyane balo ukuka amanzi, ba fika emacibini, ba fumana amanzi e nge ko, ba buya nezitya zabo zi ize; ba hlazeka, ba jaba, ba mboza amakanda abo.
4Ngenxa yomhlabati, o dabukile, ngokuba ku nge ko imvula ezweni, abalimi ba jabile, ba mboza amakanda abo.
5Nenyamazane i zele endhle, i shiyile izinyane ngokuba ku nge ko utyani.
6Izimbongolo za sendhle zi mi emagqumeni, zi ya sezela umoya njengamankentyane; amehlo azo a pelile, ngokuba ku nge ko utyani,
7Noma izono zetu zi si lahla, Jehova, sebenza ngenxa yegama lako; ngokuba si hlubukile kaningi, sonile kuwe.
8Wena, Temba lika Israeli, Msindisi wake ngesikati sokuhlupeka, u njengongaziwayo ezweni ngani, na njengesihambi esi ngenisa ukuba si lale?
9U njengomuntu o zunywa ngani, njengeqawe eli nge nakusindisa? kepa, wena, Jehova, u pakati kwetu, si bizwa ngegama lako; u nga si shiyi.
10U tyo uJehova ku lababantu u ti, Ba tanda ukweduka okunje, a ba bambanga izinyawo zabo; ngako uJehova ka ba tandi; u se ya kukumbula okubi kwabo, a zi hambele izono zabo.
11uJehova wa ti kimi, U nga ba kulekeli labantu okuhle.
12Nxa be zila ukudhla, a ngi yi kuzwa ukukala kwabo, nanxa be nikela imihlatyelo yokutya neminikelo yokudhla, a ngi nakuitanda, kodwa ngi ya kubaqeda ngenkemba, na ngendhlala, na ngokufa.
13Nga se ngi ti, E, Nkosi Jehova, bheka abaprofeti ba ti kubo, A ni yi kubona inkemba, a ni yi kuba nendhlala, ngokuba ngi ya kuninika ukutula okuqinisekayo ku lendawo.
14uJehova wa ti kimi, Abaprofeti ba profeta amanga ngegama lami; a ngi ba tumanga, a ngi ba yalanga, a ngi kulumanga kubo; ba profeta kini isiboniso samanga, nokubula, noku ize, nenkohliso yenhliziyo yabo.
15Ngako u tyo uJehova ngabaprofeti, abaprofeta ngegama lami, noma ngi nga ba tumanga, ba ti, A ku yi kubako inkemba nendhlala ku lelizwe, u ti, Labaprofeti ba ya kuqedwa inkemba nendhlala.
16Abantu abaprofeta kubo, ba ya kuntyingwa ezindhleleni za seJerusalema, ngenxa yendhlala nenkemba, ku nga bi ko muntu wokubambela, bona, nabafazi babo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngi ya kutela pezu kwabo okubi kwabo.
17U ya kutyo kubo lelizwi lokuti, Amehlo ami a ya kuhlengezela izinyembezi ebusuku na semini, a nga nqamuki; ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami yapukile ngokwapuka okukulu, ngokutyaywa okukulu impela.
18Uma ngi puma ngi ye endhle, bheka ababulewe ngenkemba, uma ngi ngena emzini, bheka izinsizi zendhlala; impela nomprofeti nompristi ba hambela ezweni, kepa a bazi luto.
19U lahlile iJuda impela na? umpefumlo wako u nengwa iZioni na? po, u si tyayelene, si nga bi nakwelatywa; sa temba ukutula, kepa a kwa ba ko okuhle; sa temba isikati sokupila, kepa bheka usizi.
20Si ya vuma, Jehova, ukudelela kwetu, ukona kobaba betu, sonile kuwe.
21U nga si dubi ngenxa yegama lako, u nga hlazisi isihlalo sobukosi bako, kumbula, u ngapuli isivumelwano sako nati.
22Ku kona ini kotixo aba ize bezizwe o nga nisa imvula na? izulu li nga zinisela imvula na? Wena a u siye, uJehova, uTixo wetu, si temba wena, ngokuba wenzile konke loku.