1KWA ti ukusola kwabantu, kwa ba kubi ezindhlebeni zika Jehova, uJehova wa kuzwa, ulaka lwake lwa vuta, wa tya umlilo ka Jehova pakati kwabo wa qeda aba semikaulweni yekamu.
2Abantu ba kala kuMosi kwa ti uMosi wa kuleka kuJehova umlilo wa cima.
3Wa qamba igama lendawo ngokuti Itabera. Ngokuba umlilo ka Jehova wa tya pakati kwabo.
4Ingxube yabantu e ya i pakati kwabo ya fisa nokufisa, abakwa Israeli ba buya ba kala, ba ti Ubani o za ku si pa inyama, si dhle na?
5Si kumbule izinhlanzi e sa si zidhla njengokutanda Egipite: amakukamba, amakabe, amaliki, nesweli, neshumime.
6Kepa manje umpefumlo wetu se womile, a kuko luto olunye nga pandhle kwaleli mana, emehlweni etu.
7Imana la li njengenhlamvu yekorianda nombala walo, wa u njengombala webedola.
8Abantu ba be puma, ukulibuta, ba li gaye ematyeni noma be li kanda esigqulweni, ba li peke esityeni ba lenze izinkwana: Ukuzwakala kwalo kwa ku njengokuzwakala kwamafuta amatya.
9Ekulaleni kwamazolo pezu kwekamu ebusuku kwa kwehlela imana.
10uMosi wezwa ukukala kwabantu ngemindeni yabo, ku ilowo muntu e semnyango wetente lake, ulaka luka Jehova lwa vuta kakulu kwa ba kubi nakuMosi futi.
11uMosi wa ti kuJehova, u yi hlupeleni inceku yako na? ku ngani ukuba a ngi u tolanga umusa emehlweni ako, ukuba u beke umtwalo wabo bonke laba bantu pezu kwami na?
12Ngi ba kulelwe bonke laba bantu ngi ba zalile ukuba u ti kimi, ba gone esifubeni sako njengomondhli e gonile umntwana o ncelayo, ngi ba yise ezweni o wa funga ngalo koyise na?
13Ngi nga yi tatapi inyama yokuyinika bonke laba bantu na; Ngokuba ba ya ngi kalela ba ti, Si pe inyama si dhle.
14A ngi nako ukubatwala bonke laba bantu ngedwa, ngokuba ba ya ngi sinda.
15Uma u ngi pata kanje, ngi bulale ngi ya kuncenga, kona manje, uma ngi fumene umusa ebusweni bako, Ma ngi nga lu boni usizi lwami.
16uJehova wa ti kuMosi ngi butele amadoda amashumi a isikombisa emalungeni a kwa Israeli, o wazi ukuba amalunga abantu nezinduna zabo u wa lete etabanekeleni lenhlangano, ukuba eme kona nawe.
17Ngi ya kwehla, ngi kulume nawe kona: Ngi tabate umoya o kuwe, ngi u beke kubona, ukuba e twale umtwalo wabantu kanye nawe, ukuba u nga wetwali wedwa.
18Yityo wena kubantu ukuti zahlukaniseni ngomso ni ya kudhla inyama ngokuba ni kalile ezindhlebeni zika Jehova, ni ti, Ubani o za ku si pa inyama, si dhle? Ngokuba kwa ku kuhle kitina Egipite ngako uJehova u za ku ni nika inyama ni dhle.
19A ni yi ku yidhla usuku lu be lunye, nezimbili nezi isihlanu, nezi ishumi nezi amashumi amabili.
20Kodwa inyanga yonke, i ze i pume ngamakala enu, ni ze ni nengwe iyona, Ngokuba ni m delile uJehova o pakati kwenu, na kala pambi kwake ni ti, sa pumelani Egipite na?
21uMosi wa ti, abantu e ngi pakati kwabo, ba izinkulungwane ezi amakulu a isitupa, u ti, ngi za ku ba pa inyama ba i dhle inyanga yonke.
22Ba za ku hlatyelwa imihlambi yezinkomo neyezimvu ukuba i banele na? kuko ku za ku butwa izinhlanzi zonke zolwandhle ukubanela na?
23uJehova wa ti kuMosi isandhla sika Jehova se si finyele na? U za ku bonake, ukuba amazwi ami a za kwenzeka, noma a zu kwenzeka yini?
24uMosi wa puma, wa tyela abantu amazwi ka Jehova wa buta amadoda a amashumi a isikombisa, amalunga abantu wa wemisa, a pahla itabanekele.
25uJehova wehla e sefwini wa kuluma kuye, wa tata umoya o wa wu pezu kwake wa u beka kumalunga a amashumi a isikombisa: Kwa ti, ekuhlaleni kuka Moya pezu kwawo, ba profeta, a ka nqamula.
26Kodwa kwa solwa kuwo amadoda amabili ekamwini, igama lenye uEldadi nelenye uMedadi, uMoya wa hlala pezu kwawo; a be pakati kwawo a lotyiweyo, kodwa be nga yanga etabanekeleni: Nawo a profeta e sekamwini.
27Ya gijima insizwa ya bika kuMosi ya ti uEldadi noMedadi ba ya profeta be sekamwini.
28uJoshua indodana ka Nuni inceku ka Mosi owezinsizwa zake wa pendula wa ti, nkosi yami Mosi, balele.
29uMosi wa ti kuye, U nomona ngenxa yami na? sengati abantu bonke baka Jehova a ba be abaprofeti, a ti uJehova a beke umoya wake pezu kwabo.
30uMosi wesuka wa ya ekamwini namalunga a kwa Israeli.
31Kwa vuka umoya kuJehova wa leta izikwehle zi vela elwandhle wa zehlisela nga sekamu, ku nga ti ibanga losuku nga lapa, nebanga losuku nga lapa kwekamu inxa zonke nokupuma kwazo, ku nga ti amakubiti amabili pezu komhlaba.
32Abantu besuka ngalolu suku lonke na ngalobusuku bonke na ngosuku olu landelayo, ba buta izikwehle: o wa buta kancinyane wa buta amahoma a ishumi ba zeneka zona izindawo zonke ekamwini.
33Inyama i se semazinyweni abo, be nga ka i hlafuni, ulaka luka Jehova lwa vuta kubantu, uJehova wa ba tyaya ngokufa okukulu.
34Wa biza igama la leyo ndawo, ngokuti iKibrotihatava: ngokuba be mbela kona abantu abafileyo.
35Abantu ba be muka eKibroti-hatava be ya eHazeroti, ba hlala eHazeroti.