1YIZWANI bantwana isiyalo sika yihlo, ni lalele ukuze nazi ingqondo.
2Ngokuba ngi ni pile isifundo esihle, umteto wami ni nga wu shiyi.
3Be ngi indodana ka baba, ngi ngotambileyo, ngi ngedwa emehlweni ka mame.
4Wa ngi fundisa, wa ti kimi Inhliziyo yako ma i bambelele emazwini ami, londa imiyalo yami, u pile.
5Zuza ukuhlakanipa, zuza ingqondo: u nga kohlwa; u nga pambuki emazweni omlomo wami.
6U nga ku shiyi, ko ku gcina; ku tande, ko ku londa.
7Into enkulu i ukuhlakanipa; zuza ukuhlakanipa: yebo nako konke ukuzuza kwako, u zuza ingqondo.
8Ku kulise, ko ku pakamisa; ku ya ku kwenzela udumo nxa u ku gonayo.
9Ko li nika ikanda lako isivunulo esihle, umqele o hlobiweyo ko ku nikela wona.
10Yizwa ndodana yami u wamukele amazwi ami, i ze yande iminyaka yokupila kwako.
11Ngi ku fundisile endhleleni yokuhlakanipa, ngi ku holela emikondweni yobuqoto.
12Nxa u hambayo, ukunyatela kwako a ku yi kuncipiswa; nxa u gijimayo, a u yi kukubeka.
13Bambela kuso isifundiso, u nga si yeki; si londe, ngokuba si ukupila kwako sona.
14U nga ngeni emikondweni yababi, u nga hambi nokuhamba endhleleni yabangalungile.
15Yale, u nga dhluli ngayo; pambuka kuyo u dhlule.
16Ngokuba ka ba lali be ngenzanga okubi; bamukwa ubutongo babo, nxa be nga m kubekisanga namunye.
17Ba si dhla isinkwa sobubi, ba puza iwaini lonya.
18Kepa indhlela yabalungileyo i njengokukanya oku bejayo, oku kanya njalo ku ze ku be imini epeleleyo.
19Indhlela yabonakeleyo i njengobumnyama obu hlangeneyo, a ba kwazi loku be kubeka iko.
20Ndodana yami, lalela amazwi ami, u yi beke indhlebe yako kuzo izinshumayelo zami.
21Ma zi nga lahleki emehlweni ako, zi londe enhliziyweni yako.
22Ngokuba zi ukupila kubo aba zi funyanayo, kuwo umzimba wonke, zi impiliso.
23Linda inhliziyo yako ngapezu kokulinda konke, ngokuba kuyo u kona umtombo wokupila.
24Susa kuwe ukupambuka komlomo, nokupambeka kwezindebe ku dedise kuwe.
25Amehlo ako ma ka bheke pambili, nezinkope zako ma zi qonde pambi kwako.
26Qapela ukuhamba konyawo lwako, ukuze zonke izindhlela zako zi qiniswe.
27U nga pambeki nakwesokunene, nakwesokohlo, susa unyawo lwako ebubini.