IZIHLABELELO 11
Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida.
1NGI yetemba kuJehova; ni tyo ngani kumpefumlo wami, ukuti, Balekela entabeni yako nyoni.
2Ngokuba bheka ababi ba gobisile umcibityelo, ba qondisile umsebe wabo entanjeni uku ba cibityela, ba sebumnyameni abaqoto ngenhliziyo.
3Loku izinsika se zi wisiwe, olungileyo a ngenzani na?
4uJehova u setempeleni lake eli ingcwele, uJehova isihlalo sake sobukosi si sezulwini; amehlo ake a ya bheka, izinkope zake zi ya linga abantwana babantu.
5uJehova u ya linga olungileyo; kanti omubi notanda ukuhlupa umpefumlo wake u ya m zonda.
6Wo nisa pezu kwababi amalahle nomlilo nesolufa nomoya otyisayo, ku be isabelo emkelweni wabo.
7Ngokuba uJehova olungileyo u ya tanda izilungiso; ubuso bake bu ya m bheka oqoto.
Bible Society of South Africa 1893