IZIHLABELELO 12
Kumholi wokuhlabelela pezu kweShiminite. Isihlabelelo sika Davida.
1SIZA, Jehova, ngokuba olungileyo u ya pela; nangokuba abaqinisileyo ba ya puta ebantwaneni babantu.
2Ba ya kuluma amanga umuntu kanye nomgane wake; ba ya kuluma ngezindebe ezi butelezi, na ngezinhliziyo ezimbili.
3uJehova wo nquma izindebe ezi butelezi, nolimi o lu kuluma ukuganga.
4A ba tyo, ukuti, Si ya kwahlula ngolimi lwetu; izindebe zetu zi ezetu; ubani o yinkosi pezu kwetu na?
5Ngokuhlutywa kwezimpofana, na ngokukala kwabasweleyo, kaloku ngo vuka, u tyo uJehova; ngo m beka ekusindeni kuye o m futayo.
6Amazwi ka Jehova a ngamazwi a cwengekileyo, a isiliva elihlanjululwa esityeni sebumba, li cwengisiwe kakombisa.
7Wena Jehova, wo ba gcina, u ba vikele ku suke ku lesisizukulwane ku ze ku be pakade.
8Ababi ba ya kuzihambela inxa zonke, njengokuvuka kwesipepo ebantwaneni babantu.
Bible Society of South Africa 1893