IZIHLABELELO 4
Kumholi wokuhlabelela ngogubu. Isihlabelelo sika Davida.
1NGI zwe ekubizeni kwami Tixo wokulunga kwami; encingweni wenze kwa ba banzi kimi; yiba nomsa kimi, u zwe umtandazo wami.
2Madodana abantu, ko za ku be nini ubukosi bami bu sekudelelweni? no fisa ize, ni fune amanga ku ze ku be nini na? Sela.
3Kepa yazini ukuba uJehova u zahlukanisele ohlonipayo; uJehova u ya kuzwa lapa ngi biza kuye.
4Yesabani ni ngoni; kulumani enhliziyweni yenu ni sokukweni lwenu, ni tule. Sela.
5Nikelani iminikelo elungileyo, ni tembe kuJehova.
6Baningi aba ti, Ubani wo si bonisa okulungileyo na? Pakamisa pezu kwetu ukukanya kobuso bako Jehova.
7U beke injabulo enhliziyweni yami, ku na lesosikati ukolweni wabo newaini labo la li vama ngaso.
8Ngo cambalala, ngi lale ngokutula, ngokuba wena, Jehova, wedwa u ngi hlalisa ngokwetemba.
Bible Society of South Africa 1893