IZIHLABELELO 43
1NGAHLULE, Tixo, u pikele ukupikisana kwami nesizwe esi nge namusa; ngi sindise kumuntu wenkohliso nesonakalo.
2Ngokuba wena u nguTixo wamandhla ami; u ngi delile ngani na? ngi ya hamba ngi olilayo ngokuhlupa kwesita ngani na?
3Tuma ukukanya kwako neqiniso lako; kona ku ya ku ngi hola; ku ngi zise entabeni e ingcwele yako, nasematenteni ako.
4Lapo ngi ya kuza elatini lika Jehova, kuTixo injabulo yokwetaba kwami; ngi ku bonge ngogubu, Tixo, Tixo wami.
5Yini ukuba u kotame mpefumlo wami? u katazeke ngani pakati kwami na? m etembe uTixo; ngokuba ngi se za ku m bonga, ukukululwa kobuso bami, uTixo wami.
Bible Society of South Africa 1893