IZIHLABELELO 46
Kumholi wokuhlabelela, kuwo amadodana ka Kora, ngezwi lezintombi. Igama.
1UJEHOVA u yisipepelo setu, namandhla etu, u ya funyanwa e osizayo ngamandhla ezinhlupekweni.
2Ngako a si yi kwesaba ekuguqukeni komhlaba, nasekudilikeni kwezintaba pakati kolwandhle.
3Amanzi awo a nga hlokoma a xapazele, izintaba zi nga zamazama ngokukukumala kwawo. Sela.
4U kona umfula o misele yawo yo jabulisa umuzi ka Tixo, indawo e ingcwele yamatente Opakamileyo.
5uTixo u pakati kwawo; a u yi ku zanyazanyiswa; uTixo wo wu siza ngovivi lokusa.
6Izizwe za xokozela, imibuso ya zamazama; wa pumisela izwi lake, umhlaba wa ncibilika.
7uJehova wamabandhla u kiti; uTixo ka Jakobe u yinqaba yetu. Sela.
8Yizani ni bone izenzo zika Jehova; izincitakalo a z'enzileyo emhlabeni.
9U ya tulisa ukulwa ku ze ku be semikaulweni yomhlaba; u yapula umcibityelo, a wu nqume umkonto, u ya tyisa izincwele ngomlilo.
10Yekani nazi ukuba ngi nguJehova; ngi ya kupakama pakati kwezizwe, ngi ya kupakama emhlabeni.
11uJehova, wamabandhla u kiti; uTixo ka Jakobe u yinqaba yetu. Sela.
Bible Society of South Africa 1893