Kumholi wokuhlabelela ngentebe kuwo amadodana aka Kora. Isiqondiso, Igama labatandekayo.
1INHLIZIYO yami i ya pupuma ngendaba enhle; ngi shumayela ukuqamba kwami ngeNkosi; ulimi lwami lu ipeni lombali otyetyayo.
2U muhle wena ku namadodana abantu; ubuhle bu teliwe ezindebeni zako; ngako uTixo u ku busisile ku ze ku be pakade.
3Bopa inkemba yako etangeni lako, qawe, ubukosi bako nokuhloba kwako.
4Ku ti ekuhlotyweni kwako hlahlamela u ye u kwele ngeqiniso, nokutobeka, nokubonga; ko ti isandhla sokunene sako si ya ku ku fundisa okusabekayo.
5Imisebe yako i bukali, abantu ba ya wa pansi kwako; i senhliziyweni yabazondi beNkosi.
6Isihlalo sako sobukosi, Tixo, si pakade napakade, umsila wombuso wako u umsila oqoto.
7U ya tanda ukulunga, u zonde okubi; ngako uTixo, uTixo wako, u ku gcobile ngamafuta enjabulo ngapezu kwabangane bako.
8Zonke izambato zako zi colwe ngemure nenhlaba, nekasia, ezigodhlweni zopondo lwendhlovu aba ku jabulisile ngazo.
9Amadodakazi amakosi a se sifazaneni esidumileyo sako; inkosikazi i mi kwesokunene sako egolideni la seOfire.
10Yizwa, ndodakazi, u bone, u beke indhlebe yako; u kohlwe nabantu bako nendhlu ka yihlo;
11Ko ti inkosi i tande ubuhle bako; ngokuba yona i inkosi yako, ngako i dumise.
12Ko ti indodakazi ya seTire i be kona nesipo; abacebileyo babantu ba kuleke ebusweni bako.
13Indodakazi yenkosi i ukukazimula kodwa ngapakati; ukwambata kwayo kwalukwe ngegolide.
14Yo holelwa enkosini i mbete umfeketiso; izintombi, abangane bayo emuva kwayo zo letwa kuwe.
15Zo holelwa ngokujabula nokwetaba; zo ngena esigodhlweni senkosi.
16Esikundhleni soyihlo, o ba kona amadodana ako; o ya ku wa beka a be izikulu emhlabeni wonke.
17Ngi ya kwenza li kunjulwe igama lako ezizukulwaneni zonke; ngako abantu bo ku bonga ku ze ku be pakade napakade.