Kumholi wokuhlabelela pezu kogubu. Isiqondiso, nguDavida.
1TIXO, ma u nikele indhlebe ekutandazeni kwami; u nga zifihli ekuceleni kwami.
2Lalela kimi, u ngi pendule; ngi ya nyakaza ekulileni kwami, ngi bubule;
3Ngezwi lesita, ngenxa yokucindezela komubi; ngokuba ba ya ngi ponsa ngokubi, ba ngi camele olakeni.
4Inhliziyo yami i ya zibinya pakati kwami; ku ti amavuso okufa a ngi wele.
5Ukwesaba nokuzamazama ku fikile pezu kwami, ukututumela ku ngi sibekele.
6Nga se ngi ti, Ubani o ya ku ngi nika amapiko a njenga wejuba, ngi ndizele ngi hlale.
7Bheka, nga ngi baleka ngi ye kude ngi lale ehlane. Sela.
8Nga ngi tyetyisa ukusinda kwami ngi suka emoyeni o vunguzayo nasesipepweni.
9Cita Nkosi u zahlukanise izilimi zabo; ngokuba ngi bonile ukuhlupa nokuxabana emzini.
10Emini nasebusuku ba ya zungeza ezindongeni zawo, ukonakala nokukatazeka ku pakati kwawo.
11Ukonakalisa ku pakati kwawo; ukuhlupa nokukohlisa a ku dedi ezindhleleni zawo.
12Ngokuba a siso isita e si ngi jezisayo; nxa ku njalo nga ngi ku twala; a si ye o ngi zondayo o be e zikulisile pezu kwami; nxa ku njalo, nga ngi zifihla kuye.
13Kepa uwena, umuntu olingana nami, ohlangeneyo nami, umgani wami.
14E senza naye ku be mnandi ukukulumana kwetu, e si hambela naye endhlini ka Tixo ebandhleni.
15Ukufa ma ku ba zume, ma ba tyone eSheoli be se zwa; ngokuba ububi bu sezinhlalweni zabo, pakati kwabo.
16Mina ngi ya kukala kuTixo; ko ti uJehova a ngi sindise.
17Kusihlwa, na kusasa, na semini, ngo kuleka, ngi lingoze; ko ti e zwe izwi lami.
18Wa kulula umpefumlo wami ekulweni o ku kimi ku be kona ukutula; ngokuba ba be baningi kimi.
19uTixo u ya kuzwa, a ba hlupe; yena o be hlezi endulo. Sela. Bona o ku ngeko kubo ukupenduka ka ba m esabi uTixo.
20U zelulile izandhla zake pezu kwabo a ba be lungelene naye, u lwapulile uvumelwano lwake.
21Amazwi omlomo wake a butyelezi ku namafuta, kepa ukulwa ku be senhliziyweni yake; a be o tambile amazwi ake ku namafuta agijimayo, kepa a be izinkemba ezikokiweyo.
22Ponsa pezu kuka Jehova umtwalo wako, wo ti a ku pase, a ka sa yi ku yeka abalungileyo ba zanyazanyiswe napakade.
23Kanti wena Tixo wo behlisela emgodini wokubujiswa abantu begazi nenkohliso; a ba yi kufeza inxenye yezinsuku zabo, kepa mina ngi ya kwetemba kuwe.