IZIHLABELELO 56
Kumholi wokuhlabelela ngejuba lokutula pakati kwabafo, nguDavida. Igama ekubanjweni kwake ngabaFilisti eGati.
1YIBA nomsa kimi Tixo; ngokuba abantu ba ya ngi futa, ba ya lwa imihla yonke, ba ngi cindezele.
2Izita zami zi ya ngi futa imihla yonke, ngokuba ba ningi aba lwa nami be nokuzidhla.
3Osukwini e ngi saba ngalo ngo temba kuwe.
4KuTixo ngo bonga izwi lake; kuTixo ngi be ngi m etemba, a ngi yi kwesaba; inyama i ngenzani kimi na?
5Ba ya nengwa amazwi ami imihla yonke; amacebo onke abo a ngokubi kimi.
6Ba ya zihlanganisa, ba bace; ba qapela izinyatelo zami, njengabo a ba lalela umpefumlo wami.
7Ku kona kubo ukupunyuka ngokubi na? wisa pansi abantu ngolaka, Tixo.
8U ya bala ukuzula kwami; beka izinyembezi zami egabeni lako; aziko encwadini yako na?
9Lapo izita zami zo buyela emuva ngosuku e ngi kala ngalo; ngi ya kwazi loku; ngokuba uTixo u kimi.
10KuTixo ngo bonga ngezwi; kuJehova ngo bonga ngezwi.
11Ngi be ngetemba kuTixo, a ngi yi kwesaba; umuntu a ngenzani kimi?
12Tixo, izifungo zako zi pezu kwami; ngo koka izibongo kuwe.
13Ngokuba u sindisile umpefumlo wami ekufeni; a u yi ku sindisa izinyawo zami ekuweni, ukuze ngi zi hambele pambi kuka Tixo ekukanyeni kwabapilileyo na?
Bible Society of South Africa 1893