1INGELOSI yesihlanu ya beta, nga bona inkanyezi i wile ezulwini i ze emhlabeni; ya piwa isihlutulelo somgodi o nge namkaulo.
2Ya vula umgodi o nge namkaulo; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikulu; kwa fipazwa ilanga nomkati wezulu ngomusi womgodi.
3Kwa puma izinkumbi emusini zeza emhlabeni; za piwa amandhla njengofezela bomhlaba be namandhla.
4Kwa tyiwo kuzo ukuba zi ngoni utyani bomhlaba, nanye into eluhlaza, namuti; kupela abantu aba nge nalo upau luka Tixo emabunzini abo.
5Za piwa ukuba zi nga ba bulali, kodwa ukuba ba hlutywe izinyanga ezi isihlanu; ukuhlutywa kwabo kwa ku njengokuhlutywa ufezela, uma e tinyela umuntu.
6Nga leyomihla abantu ba ya kufuna ukufa, kepa a ba yi kukufumana; ba ya kufisa ukufa, kepa ukufa ku za kubabalekela.
7Ukuma kwezinkumbi kwa ku njengamahashi a lungiselwe ukulwa; kwa ku kona emakanda azo kungati imiqele yegolide, ubuso bazo ba bu njengobuso babantu.
8Za zi nezinwele njengezinwele za besifazana, amazinyo azo a e njengawezingonyama.
9Za zi namakurasi njengamakurasi ensimbi; umsindo wamapiko azo wa u njengomsindo wezinqola zamahashi amaningi a gijimela ekulweni.
10Za zi nemisila njengofezela, za zi kona izindosi emisileni yazo; amandhla azo a be ukona abantu izinyanga ezi isihlanu.
11Zi nenkosi pezu kwazo, ingelosi yomgodi o nge namkaulo, igama layo ngokwamaHeberu la li nguAbadoni, kepa ngokwamaGreki la li nguApolioni.
12Usizi olunye lu dhlulile; se zi za kuza izinsizi ezimbili ngasemva kwaloku.
13Ingelosi yesitupa ya beta; ngezwa izwi li vela ezimpondweni ezine zelati legolide eli pambi kuka Tixo,
14Li ti kuyo ingelosi yesitupa e netilongo, Tukulula izingelosi ezine ezi botyiwe emfuleni omkulu iUfrate.
15Izingelosi ezine za tukululwa, eza zi lungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zi bulale okwesitatu kwabantu.
16Iningi lempi yabamahashi la li ngaba izinkulungwane ezimakulu amabili zezinkulungwane; ngezwa iningi labo.
17Njalo nga bona amahashi ekubonisweni kwami, nabo aba kwele kuwo, be namakurasi omlilo nawejakinto nawesolufa; amakanda amahashi a e njengamakanda ezingonyama; kwa puma emilonyeni yawo umlilo, nomusi, nesolufa.
18Kwa bulawa okwesitatu kwabantu ngalezizinsizi ezintatu, ngomlilo, na ngomusi, na ngesolufa, okwa puma emilonyeni yawo.
19Ngokuba amandhla awo a semilonyeni yawo, na semisileni yawo; ngokuba imisila yawo ya i njengezinyoka, i namakanda, ona ngawo.
20Abanye abantu aba nga bulalwanga nga lezizinsizi, a ba pendukanga emisebenzini yezandhla zabo, ukuba ba nga dumisi amademone, nezitombe zegolide nezesiliva, nezetusi, nezamatye, nezemiti, ezi nge nakubona, nakuzwa, nakuhamba;
21A ba pendukanga kuko ukubulala kwabo, nokutakata kwabo, nobufebe babo, nokweba kwabo.