1NGI ti, uTixo u ba lahlile abantu bake na? Ai, nami ngi umIsraeli, owenzalo ka Abrahama, womdeni ka Benjamini.
2uTixo ka ba lahlile abantu bake a baziyo ngapambili. A nazi ini ukuba u tini umbalo ngoElija na? ukuti u sola abaIsraeli kuTixo, e ti;
3Nkosi, ba bulele abaprofeti bako, ba bidhlize amalati ako; ngi sele ngedwa, se be funa umpefumlo wami.
4Kepa ukupendula kuka Tixo ku tini kuye? Ku ti, ngi zisalisele abantu aba izinkulungwane ezi isikombisa, aba nga guqanga ngamadolo kuBali.
5Se ku njalo na nga lesisikati, ba kona abaseleyo ngokuketa komusa.
6Uma ku ya ngomusa, a ku sa yi ngemisebenzi; uma ku ya ngayo, kona umusa a u se umusa; kepa uma ku ya ngemisebenzi, a ku sa yi ngomusa; uma ku ya ngawo, kona imisebenzi a i se imisebenzi.
7Kona ku tini? Loku abaIsraeli aba ku funayo, a ba ku funyanisanga; kepa abaketiweyo ba ku fumene, abanye ba ba lukuni.
8Njengokulotyiweyo ukuti, uTixo u ba nikile umoya wobutongo, amehlo okungaboni, nezindhlebe zokungezwa, ku ze ku be namhla.
9Futi uDavida u ti, Ma ku ti, itebula labo li be umowane, nesibata, nento yokukubekisa, nokupindisela kubo:
10Ka fipale amehlo abo, ba nga boni, umhlana wabo u gobe njalo.
11Ngi ti, Ba kubekile ukuze ba we na? Ai, kepa ngokuwa kwabo izizwe zi nokusindiswa, ba ze ba vuswe ba ncintisane nazo.
12Kodwa, uma ukuwa kwabo ku umcebo wezwe, nokuncipa kwabo ku umcebo wezizwe, kakulu ukupelela kwabo!
13Ngi ya kuluma kinina bezizwe, loku ngi umpostoli wabezizwe, ngi babaza inkonzo yami;
14Ku nga ti ngi ba vuse abenyama yami ba ncintisane nani, ngi sindise abanye kubo.
15Uma ukulahlwa kwabo ku ukubuyiswa kwezwe, ukwamkelwa kwabo ko ba ini, uma ku nge siko ukupila kwabafileyo na?
16Uma ulibo lu ingcwele, i njalo inhlama; uma ku ingcwele impande, a njalo namagatya.
17Kepa uma kwapulwe amagatya, wena u umhlwati wa sendhle wa fakwa pakati kwawo, wa hlanganyela nawo impande amanzi omhlwati;
18U nga zikukumezi pezu kwamagatya; noma u zikukumeza, a si uwe o twele impande, impande e twele wena.
19U ya kuti wena, Kwapulwa amagatya ukuze ngi fakwe mina.
20U qinisile; apulwa ngokungakolwa, u mi wena ngokukolwa. U nga zikukumezi, yesaba.
21Uma uTixo e nga yekanga amagatya okuvela, qapela, funa a nga ku yeki wena.
22Bheka umusa nobukali buka Tixo; ubukali kubona aba be wile; kuwena umusa, uma u qinisa u me emuseni; uma ku nge njalo, u ya kunqunywa nawe.
23Na labo, uma be ngemi ekungakolweni kwabo, ba ya kufakwa; uTixo u namandhla okubuya a ba fake.
24Uma wena wa nqunywa emhlwatini wa sendhle ngemvelo, wa fakwa emhlwatini omuhle, ku nge ngemvelo, kakulu labo, be ngamagatya ngemvelo, ba ya kufakwa emhlwatini wa kubo.
25A ngi tandi, bazalwane, ukuba ni hlale ni ngazi lemfihlakalo (funa ni zityo ni ti ni hlakanipile), yokuti, abaIsraeli behlelwe ubutuntu nganxanye, ku ze ku fike ukupelela kwabezizwe.
26Njalo ba yakusindiswa abaIsraeli bonke, njengokulotyiweyo ukuti, Ku za kuvela eZioni umkululi, a suse ukushinga kwaJakobe.
27Loku ku isivumelwano sami nabo, lapo ngi ya kususa izono zabo,
28Ngokwevangeli ba izita ngenxa yenu; kepa ngokuketwa ba ngabatandiweyo ngenxa yoyise babo.
29Ngokuba ukupa nokubiza kuka Tixo ku nge nakuguquka.
30Njengani kade ni nga kolwa uTixo, kepa kaloku ni zuzile umusa ngokungakolwa kwabo;
31Ku njalo na kaloku, bona a ba kolwanga, ukuba ngomusa wenu ba zuze umusa nabo.
32uTixo u ba valele bonke ekungakolweni kwabo, ukuba a ba haukele bonke.
33Yeka ubude bomcebo, nokuhlakanipa, nokwazi kuka Tixo! ukwahlula kwake a ku nakwaziwa, izindhlela zake a zi nakufunyanwa!
34Ubani owazileyo inhliziyo yeNkosi? ubani o i qondisileyo na?
35Ubani owa qala wa i pa, ku buye ku piwe yena na?
36Loku izinto zonke zi kona nguye, zi ngaye, zi kuye, a ku be kuye udumiso ku ze ku be pakade, Ameni.