1NGI ya kuluma iqiniso ngoKristu, a ngi namanga, inhliziyo yami i ngufakazi wami ngoMoya o ingcwele,
2Ngi ti ngi nosizi olukulu, nokudabuka okunganqamukiyo enhliziyweni yami.
3Be ngi nxanela ukuba ngi lahlwe, ngahlukaniswe noKristu ngabafo wetu, izihlobo zami ngokwenyama;
4Aba ngabaIsraeli, aba nokuma kwabantwana, nobukosi, nezivumelwano, nemiteto, nenkonzo, nezitembiso;
5Ababo oyise, a vela kubo uKristu ngokwenyama, o pezu konke, uTixo obongekayo ku ze ku be pakade. Ameni.
6Kepa a ngi tyo ukuti, izwi lika Tixo li putile. Ngokuba be nge sibo abaIsraeli bonke aba vela kuIsraeli.
7Noma be inzalo ka Abrahama, a sibo abantwana bonke; ku tiwa, NgoIsaka i ya kubizwa inzalo yako.
8Loku ku ti, abantwana benyama a sibo abantwana baka Tixo, kodwa abantwana besitembiso ku tiwa ba inzalo.
9Izwi lesitembiso ileli, lokuti, Ngo fika ngalesisikati, uSara u ya kuzala indodana.
10A siko ukupela loku, kepa noRebeka, e se kuleliswe otile, uIsaka, ubaba wetu;
11(Be nga ka zalwa, be nga kenzi okuhle nokubi, ukuba icebo lokuketa kuka Tixo li nge mi ngemisebenzi, kodwa ngaye obizayo;)
12Kwa tiwa kuye, Omkulu u ya kukonza omncinyane.
13Njengokulotyiweyo ukuti, Nga m tanda uJakobe, nga m zonda uIsau.
14Se si ya kutini na? Ku kona ukungalungi kuTixo na? Ai!
15Wa ti kuMosi, Ngi ya kuba nomusa kwengi nomusa kuye, ngi m haukele engi m haukelayo.
16Ngako a ku yi ngotandayo, a ku yi ngogijimayo, ku ya ngoTixo o nomusa.
17Njalo umbalo u ti kuFaro, ngi ku misele kona loku, ukuba ngi bonakalise amandhla ami ngawe, igama lami li shunyayelwe ezweni lonke.
18Njalo u nomusa ku lowo a tanda ukuba nomusa kuye; u menza lukuni lowo, a tanda ukumenza lukuni.
19Kona u ya kuti kimi, U sa solelan na? Ubani o melene nentando yake na?
20Ai! muntundini, u ubani wena o pikisana noTixo na? Okwenziweyo ku nga tyo kowa kwenzayo ukuti, U ngenzeleni nga ba nje na?
21Ka namandhla ini umbumbi pezu kwebumba, ukuba ngesigaxa si sinye a senze isitya esinye somsebenzi omuhle, nesinye somsebenzi omubi na?
22Noma uTixo, e tanda ukubonakalisa intukutelo yake nokuwazisa amandhla ake, wa zi twala ngokubekezela okukulu izitya zentukutelo ezi fanele ukufa;
23Ukuba a wazise umcebo wobukosi bake ezityeni zomusa, a be zilungisele ubukosi;
24Ngi tyo tina, a si bizileyo, a sibo abaJuda bodwa, kepa nabezizwe futi.
25Njengaloku a ku tyoyo ngoHosea ukuti, Aba nge sibo abantu bami, ngi ya kubabiza ngokuti abantu bami, no nge siye otandekayo, ngi m bize ngokuti, otandekayo.
26Ku za kuti ku leyondawo lapo kwa tyiwo kubo ukuti, A ni sibo abantu bami; kona lapo ba ya kubizwa ku tiwe, Abantwana baka Tixo opilileyo.
27uIsaya u memeza ngoIsraeli, u ti, Noma abantwana baka Israeli be ngangesihlabati sa solwandhle ngobuningi, ko sindiswa aba ingcozana.
28Ngokuba u ya qinisa izwi lake, u ya nquma ngokulunga; iNkosi i ya kwenza ezweni njengezwi layo elinqunyiweyo.
29Njengokutyo kuka Isaya ngapambili ukuti, Uma iNkosi yamabandhla i bi nga si shiyelanga inzalo nga be si njengeSodoma, nga be si fana neGomora.
30Si za kutini na? Si ti, abezizwe aba nga landanga ukulunga, ba tolile ukulunga, ukulunga oku ngokukolwa.
31Kepa abaIsraeli ngokulanda umteto wokulunga, a ba finyelelanga emtetweni wokulunga.
32Ngani na? Ngokuba be nga landi ngokukolwa; ba landa ku nga ti ngemisebenzi yomteto. Ba kubeka etyeni lokukubekisa.
33Njengokulotyiweyo ukuti Naku, ngi ya beka eZioni itye lokukubekisa, idwala lokucunula; a ti ilowo o kolwa ilo ka yi kujaba.