1AMAZWI a ka Amosi o be pakati kwabalusi ba seTekoa, o wa wa bona ngoIsraeli ngezinsuku zika Uzia inkosi ya seJuda, na sezinsukwini zika Jeroboamu indodana ka Joashi inkosi ya seIsraeli, iminyaka emibili eyandulela ukuzamazama komhlaba.
2Wa ti yena, uJehova wo bodhla eZioni a pumise izwi lake eJerusalema; ko ti izinhlalo zabalusi zi lile, nesihloko sa seKameli si bune.
3Njalo u tyo uJehova ngezipambeko ezitatu za seDamaseku na ngesezine a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwabo, ngokubula kwabo iGiladi ngesihlipi sensimbi.
4Kanti ngo tuma umlilo endhlini ka Hazaeli o ya kudhla izinqaba zika Ben-Hadadi.
5Ngi ya kwapula umvalo wa seDamaseku, ngi m nqume ohleziyo etafeni la seAveni, naye o pete intonga yokubusa endhlini ya seEdeni; ko ti abantu ba seSyria ba tunjelwe eKiri, u tyo uJehova.
6Njalo u tyo uJehova; ngezipambeko ezitatu za seGeza, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwalo, ngokuba ba tumbile ukutunjwa konke uku ku nikela kuEdomi.
7Kanti ngo tuma umlilo pezu kodonga lwa seGaza o ya ku dhla izinqaba zalo.
8Ngo ti ngi nqume ohleziyo kuAshdodi, naye o pete intonga yokubusa kuAshkeloni, ngo buyisela isandhla sami pezu kweEkroni; ko ti insalo yabaFilisti i bube, i tyo iNkosi uJehova.
9Njalo u tyo uJehova, ngezipambeko ezitatu, za seTire, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwalo, ngokuba ba nikela ukutunjwa konke kuEdomi, futi a ba kumbulanga uvumelwano lwabazalwane.
10Kanti ngo tuma umlilo pezu kwezindonga za seTire, o ya ku dhla izinqaba zalo.
11Njalo u tyo uJehova; ngezipambeko ezitatu zabaEdomi, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwabo; ngokuba ba landela umfo wabo ngenkemba, ba pambukisa umhau wabo, nolaka lwake lwa dabula njalo, wa gcina intukutelo ku ze ku be pakade.
12Kanti ngo tuma umlilo pezu kweTemani, o ya ku dhla izinqaba za seBozra.
13Njalo u tyo uJehova; ngezipambeko ezitatu zabantwana baka Amoni, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwabo, ngokuba ba qaqa abakulelweyo ba seGiladi, ukuze ba kulise umkaulo wabo.
14Kanti ngo pemba umlilo ezindongeni za seRaba, wona u ya kudhla izinqaba zalo, ngenxokozelo ngosuku lokulwa, ngesipepo ngosuku lwesivunguvungu.
15Ku ya kuti inkosi yabo i ye ekutunjweni, yona nezikulu zayo kanye, u tyo uJehova.